Izindaba

Zakheleni umlando othandweni, ningavumi ukuhlulwa yinto engakhulumi

Distance Gumede|Published

Izithandani

Image: Pexels

KUQALA  unyaka omusha, omdala udlulile futhi siyazi ukuthi abanye akubahambelanga kahle kwezothando kangangoba abanye bagcine beyekile baze bafunga bagomela ukuthi ngeke baphinde bazihlanganise nothando. Abanye siyazi ukuthi bebengaqondile ukusho lokho kodwa bakusho ngenxa yezinkinga nokuhlukumezeka okubahaqile othandweni.

Namhlanje ngifisa ukukhuluma nawo wonke umuntu ozimisele ukuqala kabusha kwezothando. Ngiyazi ukuthi uthando alusiwo umdlalo olula kodwa kulona kudingeka abadlali abajime ngokwanele ukuze bakwazi ukungena enkundleni futhi bakwazi nokubhekana nezinkinga zakhona.

Ngifisa ukuthi dadewethu okanye mfowethu uma kungukuthi usuhlele kahle ukuthi kulo nyaka ufuna ukuqala kabusha impilo yakho ufuna ukuthola umuntu ozomnika uthando naye akunike uthando. Kuhle uthole umuntu osezimisele njengawe umuntu enizoba nomlando naye kusasa umuntu enizowa nivuka naye nibambisane noma kunzima.

Umuntu okuzothi noma ningaboni ngasolinye nikwazi ukuhlala phansi nilungise lokho okungahambi kahle, ngikhuluma ngomuntu ozoziqhenya ngaye kusasa okuzothi uma umbheka ubone ukuthi lo muntu ngingawakha naye umuzi.

Isikhathi sihambile ngane zakwethu angikholwa wukuthi kukhona umuntu osafuna ukudlala umdlalo kamagcogcoma othandweni, angikholwa wukuthi kukhona umuntu osafuna ukubizwa ngesikhokho ukuthi yena ushintsha amantombazane okanye amadoda.

Wena ukhula nini ngempela kusuka ngo 2012 wawuzenza isikhokho namanje ingqondo yakho isame lapho ekubeni kini balindele umakoti noma umkhwenyana. Ake nizakhele umlando wenu othandweni, ningavumi ukuhlulwa yinto engakhulumi.

Njengoba lo nyaka uqalile ngifisa ukuthola izimemo abantu belobola/belotsholwa noma beshada/ beshadelwa. Ngifisa ukunizwa nithi MaGumede iziyalo zakho zisisebenzele nowakwami, ngifisa ukubona abantu bejabule othandweni.

Ngiphinde ngibongele labo abakwazi ukuyibamba ishisa abawa bevuka nophathina babo noma kunzima kanjani ngoba othandweni into ebalulekile yinhlonipho, ukuthembana, ukubambisana, ukuxhumana nokubekezelelana nibonisane angabikhona ozenza usiyazi nondlovu kayiphikiswa. Lapho-ke uthando luyakhula luye phambili.

Ngifisa konke esizokwenza ukuqala kwalo nyaka othandweni kube nomehluko kukhombise ukuthi sesikhulile, sithandane sithokozele ucansi kube mnandi uthando luye phambili bese singakhohlwa wukusebenzisa ijazi lomkhwenyana.