Izindaba

Kusolwa abangani ngokufa kowesifazane obeye emcimbini

Nkosikhona Cele|Published

Isidumbu

Image: Boxer Ngwenya

UYATHIMULA umndeni wowesifazane waseMandeni, otholakale eseshonile otshanini kade ephume nabangani kukuhle kuyiwa emcimbini obungeSonto.

Umndeni kamufi, uNksz Ayanda Ndlovu (32), usola abangani bakhe ababili ngokufa kwakhe.

Owomndeni kamufi, uNksz Zama Ndlovu, utshele Isolezwe ukuthi kukhona okushaya amanzi ngokufa kukadadewabo.

Ulandise wathi udadewabo ulandwe ngabangani bakhe ababili kade ehlezi kubo, wathi bakujwayele vele ukufika bazomlanda ekhaya. 

"Nakulokhu kube yinto efanayo, bafikile bamlanda bahamba naye. Nathi lapha ekhaya asibaxwayi ngoba bajwayele vele ukuthi bamlande. Kulokhu bashilo ukuthi baya emcimbini womunye wesifazane abamjwayele obebungaza usuku lwakhe lokuzalwa," usho kanjena.

Uthe baphume bobathathu egcekeni kumnandi kuqhuma nohleko phezulu, belimisa ngesihloko elokuthi bayozicika ngeziphuzo ezidakayo, wathi kuze kwasa ngakusasa, lutho ukubuya umufi okuyinto athe ibamangazile kakhulu.

"Lokhu kusixakile kakhulu ekhaya ngoba siyamazi ukuthi noma ethanda ukuhamba kodwa njalo wenza isiqiniseko sokuthi ulala ekhaya ngoba uthanda kakhulu abantwana bakhe. Kodwa-ke kulokhu kube yinto ehlukile," usho kanje.

Uthe bashaye ucingo ekuseni befonela laba besifazane ababaphendule ngokuthi umufi ubashiye emcimbini wathi usebuyela ekhaya.

"Simane sasanganelwa amakhanda, saqala sabona ukuthi kukhona okungahambi kahle kule nto. Sibabuzile ukuthi kwenziwa yini bahambe nomuntu ebese bemvumela ukuba abuye yedwa ebusuku ekubeni kungaphephile? Abaphendulanga, bavele baxolisa base bethembisa ukuthi bazombheka futhi bazomthola udadewethu," kubeka uNksz Ndlovu.

Uthe baqalile bemthungatha bebuza nabantu kodwa bonke bemlandula, wathi ngoMsombuluko, babizwe wumakhelwane ezobatshela ukuthi babona umufi edindilize kabuhlungu otshanini ngasehlathini elibuqamama nakubo, base benikela khona, nebala bakhangwa udadewabo esethule.

"Ubesagqoke izinto ahambe ezifakile kodwa izicathulo newashi bekungekho. Emqaleni ubenezimpawu zokuthi ubeklinywa. Alikho inxeba esilibonile emzimbeni wakhe," echaza.

Uthe umakhalekhukhwini wakhe nawo ubungekho. 

"Kukhona okungalungile okwenzekile kudadewethu, angeke aphume nabantu kodwa bona babuye bephila yena atholakale engasekho. Siyazibuza ukuthi lokho kwenzeke kanjani?" esho.

Uthe babazisile abangani bakamufi ngokutholakala kwakhe eseshonile.

"Angazi noma ngiyadlinza yini kodwa bamane bagcina ngokumangala nje bangakhala nokukhala," echaza.

Udadewabo kamufi uqhube wathi bafisa ukuthola izimpendulo kubona abangani ukuthi kwenzekeni ngampela?

Uthe inkukhu iyawusola umgqakazo kwazise uthe umufi ezinyangeni ezedlule uke waba nokungaboni ngaso linye nalaba besifazane kade bemsola ngokuthi webe imali yabo engu-R10 000.

Uthe akazi ukuthi le nkinga bagcine beyixazulule kanjani kodwa umufi wabatshela ukuthi bagcine bebonile ukuthi akusiyena owebe leyo mali.

"Asithembe ukuthi akusibona laba abenze le nto ngoba ngiyakhumbula ukuthi bamsongela ngokumbulala ngenxa yale mali," kusho yena.

Uthe umndeni ufuna ubulungiswa ngokufa kwelunga lawo futhi uzolwa kuze kube isekugcineni ukuze babanjwe abenzi bokubi.

Usonge ngokuthi akukho zinyane lemvubu ladliwa zingwenya maqede kucwebe iziziba. 

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal akuqinisekisile ukubulawa kukamufi. Athe kuphenywa icala lokubulawa komuntu.