Umengameli weNational Freedom Party uMnuz Ivan Barnes
Image: Independent Media Archives
UYIHLABE wayihlikiza indaba kahulumeni obusa ngokubambisana KwaZulu Natal, iProvincial Government of Unity (GPU), loyo onguMengameli weNational Freedom Party (NFP), uMnuz Ivan Barnes. Ngokusho kwaleli qembu lolu hlobo lukahulumeni lufile ezingeni lesifundazwe kanjalo nasezingeni lomasipala ngokuhluka kwabo.
Leli qembu lithi inkohlakalo idla lubi kulolu hlobo lukahulumeni kwathi izidingo zabantu zathathwa zabekwa emuva ngoba akekho noyedwa onendaba nazo.
Ekhuluma esithangami nabezindaba ebesingoLwesihlanu, eThekwini uBarnes usole amaqembu abumbe lolu hlobo lukahulumeni, okuyi i-IFP, ANC, iDA nayo i-NFP ngokubeka eqhulwini okudingwa yiwona kunokufunwa wumphakathi. Lokhu ke uthe akwamukelekile nhlobo ngoba ngabantu okumele babe seqhulwini uma kukhulunywa ngohulumeni walolu hlobo.
Ubekhwela edilika kulolu hlobo lukahulumeni ethi akukho okubonakala kuza nalo. Uthe kuyichilo ukuthi lawa maqembu enza lokhu aze akhohlwe wukuthi lolu hlobo lukahulumeni lwalubunjelwe ukusiza abantu hhayi ukuhlomulisa idlanzana nje kuphela.
Leli qembu belikade libize isithangami nabezindaba ngemuva kokuba likhiphe isitatimende liveza ukuthi liyahoxa ekubeni yingxenye yamaqembu abambisene KwaZulu-Natal.
Uthe ubufakazi bokuthi lawa maqembu abeka phambili inkohlakalo wukubhuntsha kwemizamo yokugudluza uNdunankulu waKwaZulu Natal esikhundleni, uMnuz Thami Ntuli ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe. Uchaze ubuholi bamanje kulo hulumeni njengobuphambanayo nokufunwa ngabantu baKwaZulu-Natal.
Ukhale kakhulu ngokuthi intuthuko abantu baKwaZulu-Natal bayizwa ngendaba, wakhala nangokufadabala kwengqalasizinda ezingxenyeni ezahlukene. Konke lokhu uthe kubonakala kwenzeka ezandleni zalo lolu hlobo lukahulumeni olubunjwe ngokubambisana kwalawa maqembu. "'Sibuswa ngabantu abangenandaba nabanye abantu,'' kusho uBarnes.
Uthe kubuhlungu kakhulu ukubona abaholi be-IFP, ANC nabeDA bebeka eqhulwini amandla kunezidingo zabantu baKwaZulu-Natal. Uphume iqhubu noSiboniso Duma, Francois Rodgers noNdunankulu uThami Ntuli ngakubize ngokuthi yibona ababukeka bephambili ekukhinyabezweni kwekusasa lesizukulwane esilandelayo.
Eqhuba usole ukusebenzisana kwe-ANC ne-IFP njengento ewumshado wenkohliso ongeke ubalekelele ngalutho abantu baKwaZulu-Natal. Wenze isethembiso sokuthi iNFP izoqhubeka nokuqinisekisa ukuthi bahlala obala abangenzi kahle kulolu hlobo lukahulumeni.
Uthe ngeke balenze iphutha lokugoqa izandla nje babukele kube konakala. "Kulesi sifundazwe abamnyama bayavota kodwa abakwazi ukuphatha. Ilungelo labo liyagxotshwa,'' kuchaza yena.
Uthe lolu hlobo lukahulumeni luyingozi kakhulu ngoba luphethe ngesandla sensimbi kodwa lube lumamatheka. Uthe lungondlovukayiphikiswa kodwa okungelula ukuba babonakale. Uthe okubuhlungu kakhulu wukubona amalungelo abantu ezitshwa kube sengathi ayinto engekho nje.
Ugcizelele kakhulu ukuthi iNFP imile nje nabantu ngeke futhi ize ilenze iphutha lokuthi ibonakale igudluka kulokho ekholwa wukuthi kuyikhona. ''I-NFP imi nabantu isohlangothini lwabo ngokugcwele. Lokhu futhi sikwenza ngaphandle kokwesaba futhi ngeke sixolise kumuntu simile nje kulokhu esikholelwa kukhona," kusho yena. Uthe ukulwa kwabo akumayelana nezihlalo esiShayamthetho kodwa kumayelana nokumele kuzuzwe ngabantu baKwaZulu-Natal.