Izindaba

Bebefuna ngodli imali yokuvikela abathelwe othulini amaphoyisa

Zimbili Vilakazi|Published

ESINYE sezihlobo zabafi sithuliswa ezinye lapho bekudubulana khona amaphoyisa nabasolwa kwafa abayisihlanu

Image: DOCTOR NGCOBO

ABOPHIKO olucubungula indawo yesigameko lapho okudubulane khona amaphoyisa nabasolwa kwafa abayisihlanu

Image: DOCTOR NGCOBO

BEBEHLALISE umphakathi lubhojozi, bewukhokhisa imali yokuvikela njalo ngesonto abayisihlanu abathelwe othulini amaphoyisa e-Area 10, KwaBester, eThekwini, izolo.

Lokhu kuvezwe wumsunguli wenhlangano eqapha ubugebengu, iThekwini Neighbourhood Watch, uMnuz Andile Jali, kulandela isigameko.

“Bebengena umuzi nomuzi bafune o-R50 njalo ngesonto, bathi yimali yokuvikela. Imizi eminingi ibiyikhipha le mali kodwa kungabi namehluko ngoba bebephinde babuye futhi bona laba bafana bazongena ebusuku, bathathe impahla,” kusho uJali.

Uthe sekunenqwaba yemizi ethuthile ngoba yehluleka ukubhekana nalesi simo, wathi umuzi ebese bewubonile ukuthi kuthuthiwe kuwo, bekungenisa bona bahlale, njengoba beyiqembu elikhulu lemigulukudu.

“Kokunye bebebavimba abantu abazama ukuthutha, babahlalise phansi ngenkani. Bekuze kusize ukuthi babize amaphoyisa azoqapha ngesikhathi bebopha imithwalo bethutha,” usho kanje.

KUTHATHWA esinye sezidumbu lapho obekudubulana khona amaphoyisa nabasolwa kwafa abayisihlanu

Image: DOCTOR NGCOBO

Uveze nokuthi bayingxenye yabasolwa abadubule babulala abantu ababili ebebehamba ngemoto iToyota Rumion KwaJina, eNanda, ngoLwesibili.

Uthe omunye wababulelwe ngaphambi kokuthi ashonele esigamekweni, uthinte umalume wakhe osezinhlakeni zokuqapha ubugebengu, wamtshela ukuthi obani ababahlasele.

Uveze ukuthi lona wesilisa ushonele esigamekweni, kwathi abehamba naye washonela esibhedlela.

“Ulwazi ludluliselwe emaphoyiseni, alandela umkhondo. I-tracker yemoto ethathiwe igcine ikhomba ukuthi iphelele KwaBester,” kusho uJali.

Uthe umphakathi uzoke ushaywe wumoya njengoba amaphoyisa ebulale laba, wathi njalo uma kukhona ababulewe, ozakwabo abasadla anhlamvana baye bathuke, babaleke nasendaweni, umphakathi uthole ukuphefumula.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abasolwa bebefunelwa amacala okubulala, ukuzama ukubulala, okubandakanya nokuzama ukubulala amaphoyisa kanjalo nokubamba inkunzi.

AMAPHOYISA eqaphe isimo lapho obekudubulana khona amaphoyisa nabasolwa kwafa abayisihlanu

Image: DOCTOR NGCOBO

“Abasolwa bebehlalise lubhojozi umphakathi waseNanda namaphethelo. Ekupheleni kukaNovemba nyakenye bazame ukubulala amaphoyisa, bewadubula. Bebelokhu bephunyuka kusukela lapho,” kusho uNetshiunda. 

Uthe izolo ekuseni, amaphoyisa athole umkhondo wokuthi baphi, awulandela. Uthe athe efika, abasolwa bavele bawadubula, nawo abuyisele ngenhlamvu ukuzivikela kanjalo nemizi eseduzane, kwasala abayisihlanu enkundleni.

Uthe amaphoyisa athole izibhamu ezine endaweni yesigameko, wathi akukho phoyisa alilimele.