Izindaba

Indodana (2) kamaskanda nedumela ebantwini ngokulingisela uyise

Simangaliso Ntshangase|Published

UNTELEZI Zibuse Ndunakazi, indodana yomculi kamaskandi uSaliwa, esizakhele ugazi nedumela ezinkundleni zokuxhumana

Image: SITHUNYELWE

INDODANA kaSaliwa, ongomunye wabaculi bakamaskandi abangaconsi phansi kule ndima, isizakhele ugazi nedumela ebantwini ikakhulu kwabasebenzisa izinkundla zokuxhumana - ngama-vidiyo afakwa wuyise nabomndeni wakhe, lapho bekhombisa khona uthando lwayo lwesintu nokunye okuhambisana nakho, ilingisela uyise ngokukwenza.

Lowo wuNtelezi Zibuse Ndunakazi, ovame ukuvela ezinkundleni zokuxhumana ngama-vidiyo egiya, ezibongela futhi eshaya ingoma, okuyinto esibe nedumela kakhulu ebantwini abalandela uSaliwa nabomndeni wakhe oGqizile noNdoni.

Kujabule abantu abaningi futhi ngenkathi uNtelezi (2) evela okokuqala emphakathini, engena noyise e-steji emcimbini kazakwabo emculweni, iGcokama Elisha, iMthandeni Summer Experince, obuseMkhaliphi Stadium, eMdletsheni ngempelasonto.

UNTELEZI Zibuse Ndunakazi, indodana yomculi kamaskandi uSaliwa, esizakhele ugazi nedumela ezinkundleni zokuxhumana

Image: SITHUNYELWE

Ethintwa uSaliwa ukuzwa kabanzi ngomcabango walokhu, uthe okudale ukuthi indodana yakhe igqame kanjena ezinkundleni zokuxhumana wukuthi ibe nenhlanhla yokukhulela kubo, okwenza ukuthi uma bematasa bezilolongela imicimbi abamenywe kuyona indodana yakhe ibone ukuthi benzani.

“Konke lokhu okubonakala manje kungenxa yokuthi ukhulele ekhaya, ngakho kuthi uma sihlangene nezinsizwa engisebenzisana nazo, abe khona abone senza umsebenzi wethu, okuqhubeke kwaze kwafika lapho ekhombisa khona izimpawu zokuthanda le nto esiyenzayo, waqala lapho esilingisela ekhombisa ukujabulela ubuciko nesintu,” usho kanje.

UMCULI kamaskandi uSaliwa nendodana yakhe uNtelezi Zibuse Ndunakazi, osezakhele ugazi nedumela ebantwini ngama-vidiyo akhe ezinkundleni zokuxhumana

Image: SITHUNYELWE

Eqhuba, uthe nakuba indodana yakhe - esinezibongo ezithi “Intelezi yamahwanqa asehostela KwaMashu, o-DVD umfo kaGwala, uSiye umfo kaButhelezi noMpetuzi umfo kaDladla - izoqhubeka ivele kuma-vidiyo ezinkundleni zokuxhumana, kepha futhi bazoqaphela ukuthi ayitholakali yonke indawo lapho benandisa khona.

“Besimane simveza nje eMdletsheni ngoba bekuwumcimbi obuseduze nasekhaya eMpangeni futhi nganandisa kungakahlwa kakhulu, kepha futhi abantu bazoqhubeka bambone ezinkundleni zokuxhumana kuze kube wukuthi usekhule ngokwanele ukuthi azimele futhi enze izinto ngendlela yakhe esezazi ukuthi ufunani,” kusho uSaliwa.

UMCULI kamaskandi uSaliwa nendodana yakhe uNtelezi Zibuse Ndunakazi, osezakhele ugazi nedumela ebantwini ngama-vidiyo akhe ezinkundleni zokuxhumana

Image: SITHUNYELWE

Ukhuthaze nabanye abazali ukuthi bakhulise izingane zabo ngendlela efanele kulandelwe imithetho yasemakhaya ukuze zikhule zivikelekile, futhi bazikhuthaze ukuthanda imfundo.

“Lokho ngibona kuzosiza ukuthi izingane zikhule zivikelekile futhi kungabi lula ukuthi ziwele ogibeni lwezinto eziningi ezingezinhle esizibona zenzeka emphakathini,” kusho yena.