UNGQONGQOSHE weMfundo eyiSisekelo uNksz Siviwe Gwarube uthembise ukuthi bazothathelwa izinyathelo abafundi baka-matric abawu-40 okutholakale ukuthi baphule umthetho wokuhlolwa kwabo nyakenye
Image: BASIC EDUCATION DEPERTMENT/X
UNGQONGQOSHE weMfundo eyiSisekelo, uNksz Siviwe Gwarube usedalule izindaba zokuthi ithimba ebeliphenya ngomkhonyovu wokwephula imithetho yokuhlolwa kokugcina kuka-matric, iNational Investigative Task Team (NITT) ithole ukuthi bangabasezikoleni zaseTshwane, eGauteng abafundi abawu-40 abaphule imithetho yokuhlolwa kokugcina.
UNksz Gwarube usho njalo ekhuluma esithangamini nabezindaba ngoLwesihlanu, onhloso yaso bekuwukucacisa ngebanga eselihanjiwe ukuphenya ngakho konke okungahambanga kahle ngenkathi abafundi baka-matric wanyakenye beqhubeka nokuhlolwa kwabo.
UNgqongqoshe uthe nakuba bezothathelwa izinyathelo bonke abafundi okutholakale ukuthi baphule umthetho, kepha amacala azoba ngawabo kuphela hhayi othisha bezikole zabo, nokuthi abafundi abangathinteki kulokhu bazoyithola bona imiphumela yabo.
“Kodwa futhi sizobhekana ngqo nalaba bafundi okutholakale ukuthi baphule imithetho yokuhlolwa kokugcina, kangangokuthi imiphumela yabo izogodlwa okwesikhashana kuze kube wukuthi seluphothuliwe uhlelo lokuphenya ngezinselo zomkhonyovu owenzekile wokuputshuka kwamaphepha ezivivinyo nokukopela ngenkathi kubhalwa,” usho kanje.
Eqhuba, uthe ithimba le-NITT lithole ukuthi amaphepha ayisikhombisa aputshuka ngenkathi kubhalwa ngaweMathematics, elesiNgisi nelePhysical Sciences, wase edalula ukuthi abazukuzidalula izikole zabafundi abathinteka kulo mkhonyovu ukuze bavikeleke.
“Sithole ukuthi lo mkhonyovu wokuputshuzelana amaphepha ezivivinyo wenziwa ngamaselula, futhi kwathunyelelwana nangama-USB - futhi siyazi ukuthi kukhona nabasebenzi bomnyango abathintekayo kulo mkhonyovu, esibheke ukuthi nabo baphenywe bese beqondiswa ubugwegwe ngendlela efanele, nabomthetho bazisiwe ngakho konke okuqhubekayo ukuze sisizakale uma kwenzeka sibadinga,” kusho uNksz Gwarube.
Uthe bazoqhubeka baqinise ezokuphepha nokuvikela ukuputshuka kwamaphepha okuhlola abafundi ukuze kugwemeke izigameko ezifuze lezi ngokuzayo, nokuthi uma kukhona ababanjwa bephula umthetho bazoqondiswa ubugwegwe ngendlela efanele.
“Siyabonga kakhulu umsebenzi omuhle owenziwe yi-NITT, kanjalo nokubambisana kubasebenzi boMnyango weMfundo. Bese sibongela nabo bonke abafundi baka-matric wanyakenye ngokuzikhandla kwabo, kanti kulabo abazothola ukuthi akuhambanga kahle sibakhuthaza ukuthi bangaphosi ithawula, baqhubeke bazame ngokuzayo,” usho kanje.