Izindaba

Kubheda uhlelo ebhizinisini likaDJ Bongz

CHARLES KHUZWAYO|Published

DJ Bongz

Image: File

UDJ wodumo lwengoma ethi Thina Sobabili nethi Sobuye Sibonane, uBongani "Bongz" Dlamini, usobishini ngenxa "yokuvela ngentamo ezikweletini" kangangoba abasebenzi basendaweni yakhe yobumnandi iViews Night Club babe noKhisimusi noNcibijane omnyama.

Isolezwe lithole ukuthi abanye babasebenzi baze baphoqeleka ukuba babeke phansi amathuluzi becikwa wukusebenzela amahhala amasonto ambalwa.

Leli phephandaba libuye lahabula nokuthi omunye wabasebenzi obesesikhundleni esiphezulu unqwahe neselula yebhizinisi. 

Eziphendulela uDJ Bongz, okungakapheli nonyaka ethenge le ndawo ebiyaziwa ngokuthi yiViews At 25 eThekwini, uvumile ukuthi kusenenkinga yemali ebhizinisini lakhe. Uthe kungamanga ukuthi banqwahe ngamabomu nemiholo yabasebenzi kodwa uthe kungaphezu kwamandla abo. 

Esitatimendeni asisabalalise ezinkundleni zokuxhumana uDJ Bongz uthe izivuvaba eThe Views Night Club zidalwe abasebenzi abathize abangogalakajana abebethatha ngozwane imali nesitokwe. 

Uthe ukhuluma nje kunabathize abavulelwe amacala futhi asebeqalile ukuphenywa yingalo yomthetho. 

Nakuba ibhizinisi lisakhungethwe yizinkinga zemali, uDJ Bongz uthe beyiziphathimandla bazamile ukucaphuna emaphaketheni abo ukuze bakhokhe imiholo yabasebenzi. 

Uthe umsebenzi ogweve neselula yenkampani, ayithathe ngaphandle kwesivumelwano nabaqashi, uzobhekana nengalo yomthetho ngoba kuyicala ukwenza okuphambene nomthetho, ngisho noma ngabe kunokungaboni ngaso linye phakathi kwakho nabaqashi. 

UDJ Bongz ubuye waveza ukuthi kungamampunge ukuthi le ndawo yokujuxuza ingase ivalwe ngenxa yazo izingqinamba zemali.

Uthe abasabalalisa lawo mahlebezi basenga ezimithiyo ngoba le ndawo isasebenza kakhulu kunakuqala futhi basanda kuqasha abasebenzi abasha abamatasatasa nokusiza amakhasimende.