Ikhwelo lokunyuswa kweminyaka yabaphuza utshwala Picture: Ayanda Sitole
Image: Ayanda Sitole
INHLANGANO engenzinzuzo ebhekele inhlalakahle yomphakathi iGatekeepers South Africa ihlabe ikhwelo kuhulumeni lokuthi kunyuswe iminyaka yabantu abavumeleke ukuthenga utshwala isuke ku-18, iye ku-23 ukuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwesihlava sezingane nabantu abasha abacwile ezinkanjini zikaFaro.
Umqondisi wale nhlangano, uNksz Lizelle Maurice, uthe esinye sezizathu ezenze ukuthi bahlabe leli khwelo wukubona okuningi konakala ezweni njengoba belokhu bande njalo abantu abaphuza utshwala ngokungenamkhawulo emphakathini.
“Konke lokhu kunomthelela omubi emphakathini njengoba sonke sazi futhi sibona kahle ukuthi ukuphuza kwabantu utshwala ngokweqile ngesinye sezizathu eziholela ekutheni kwande izingozi ezilimaza futhi zibulale abantu emigwaqweni mihla namalanga, futhi singekushalazele ukuthi utshwala buneqhaza ezenzweni zodlame esizibona zenzeka nsuku zonke emphakathini kulabo abahlulwa wukuzilawula,” kusho uNksz Maurice.
Eqhuba, uthe leli khwelo labo babona lizosiza ngokuthi kulawuleke indlela abantu abathenga utshwala ngayo njengoba kuzovimbela ukuthi utshwala bungathengwa yinoma wubani ngoba abanye abantu abana-18 basuke besengabafundi ezikoleni zamabanga aphezulu.
“Vele ngisho noma ucwaninga ngomzimba womuntu nokukhula kwawo, kuyavela ukuthi umuntu nomuntu uthuthuka futhi agcwale kahle emzimbeni nasemqondweni wakhe uma eseneminyaka ewu-25, ngakho lokho kuthi sithi okungenani akube wu-23 iminyaka okuvumeleka abantu ukuthenga utshwalangayo,” usho kanje.
Uthe bafuna nokuthi kuvalwe ukukhangiswa kotshwala, okungaba yisemisakazweni, kwithelevishini nakwezinye izinhlelo zokukhangisa - abakholwa wukuthi kubhebhethekisa inkinga yokuphuza utshwala ngokweqile ngoba kuheha izingane zibone sengathi yinto enhle.
“Konke lokhu okwenzekayo manje kubhebhethekisa le nkinga, njengoba sike sibone ukuthi manje abantu abasakwazi ukujabula kahle ngaphandle kokuphuza utshwala, kangangokuthi ngisho nezingane ezincane imbala sekulula ukuthi zilutheke ngokuphuza utshwala. Kuyasikhathaza futhi ukuthi kunenqwaba yezingane nabantu besifazane abanukubezwayo emphakathini ngenxa yokuthi basuke sebephuze ngokweqile bengaboni lutho,” kusho yena.
UNksz Maurice ugcizelele nokuthi kumele kuqiniswe umthetho ebantwini nasezinkampanini ezidayisa utshwala, ukusiza ukuthi kungabi lula ukuthi baphule umthetho ngokudayisela izingane ezincane utshwala, nangokudayisa utshwala ngokungemthetho.