Umkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal Police uLt General Nhlanhla Mkhwanazi nondunankulu uThamsanqa Ntuli
Image: Tumi Pakkies / Independent Newspapers
USEPHUMELE obala uNdunankulu waKwaZulu-Natal ngokweseka ukuba anikezwe ihlandla lesibili uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenent General Nhlanhla Mkhwanazi.
Lokhu kuza emva kokuba uNdunankulu Thami Ntuli ebe nomhlangano noKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola.
Emhlanganweni bekubhungwa kabanzi ngodaba olumqoka olumayelana nekusasa likaMkhwanazi njengoba ihlandla lakhe lokuqala lizofinyelela emaphethelweni ngoMashi 30 nonyaka.
Kuwona uNtuli uzwakalise okukhulu ukubethemba ubuholi bukaMkhwanazi, wancoma indlela asebenze ngayo ngokuzikhandla.
Thola Isolezwe kusasa, ufunde kabanzi ngalolu daba.