Izindaba

Bafuna bahudulwe balethwe ePhalamende oMogotsi no-O'Sullivan

Sabelo Nsele|Published

Brown Mogotsi

Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers

AMALUNGU ekomiti lasePhalamende eliphenya izinsolo ezenziwa uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, lifuna baphoqwe ngenkani ukuthi bazifikele mathupha ofakazi ababili abacele ukuthula ubufakazi babo besebenzisa ezokuxhumana ngoba nakhu bethi basabela impilo yabo.

Amalungu ekomiti athe akufanele ukuba usomabhizinisi oyisishoshovu se-ANC, uMnuz Brown Mogotsi nomphenyi wamacala ozimele, uMnuz Paul O'Sullivan, bavunyelwe ukuba bathule ubufakazi besebenzisa ezobuchwepheshe.

UMogotsi no-O'Sullivan kufanele bevele phambi kwekomiti elizoqala imihlangano yalo ngenyanga ezayo.

Ohola ubufakazi, u-Advocate Norman Arendse, utshele amalungu ekomiti ukuthi uMogotsi no-O'Sullivan bathe bafuna ukuthula ubufakazi besebenzisa ezobuchwepheshe ngenxa yokusabela ezokuphepha.

U-Arendse uthe u-O'Sullivan uphinde wabatshela nokuthi akekho kuleli, useLondon.

Ukusho lokhu ngesikhathi kunomhlangano wamalungu ekomiti okulungiselela ukulalelwa kobufakazi.

Amalungu ekomiti athe awahambisani nokuthi kube khona abantu abazokwethula ubufakazi besebenzisa ezobuchwepheshe.

Ilungu le-ANC, uMnuz Xola Nqola, lithe kufanele baphoqwe uMogosti no-O'Sullivan ukuba bazifikele mathupha.

"Kufanele bahudulwe ngenkani, befike lapha bekhala."

Elinye ilungu le-ANC, uNksz Khusela Sangoni, lithe izizathu ezibekwe uMogotsi no-O'Sullivan azanele ukuba bavunyelwe ukuba bethule ubufakazi besebenzisa ezokuxhumana.

"U-O'Sullivan uthi uphesheya. Sanele isikhathi esimnikeze sona, engakwazi ukubuya ezokwethula ubufakazi kuleli. Uma ubheka izinsolo abhekene nazo angazi ukuthi yini lena emenza ukuthi asabe ukuvela phambi kwekomiti. NoMogotsi naye angazi ukuthi usabani ngoba useke wavela phambi kweKhomishini kaMadlanga."

Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe ikomiti kufanele likhombise u-O'Sullivan ukuthi akekho ngaphezu komthetho.

"Kufanele sisebenzise amandla esinawo ukumphoqa ukuthi avele phambi kwekomiti. Kufanele sithumele umyalezo oqinile lapha ukuthi akekho umuntu ongaphezu komthetho. Naye kufanele azi ukuthi akayilutho. NoMogotsi naye akufanele simncenge. Kufanele sithumele inqola edonswa izimbongolo, iyomlanda. Ucabanga ukuthi siyadlala lana. Ucabanga ukuthi singabangani bakhe laba adlala nabo."

Ilungu leMKP, uMnuz Vusi Shongwe, lithe u-O'Sullivan kufanele aphucwe i-passport khona engeke ekwazi ukubalekela amacala akhe.

"Ngike ngasho ukuthi uzobaleka lo baba njengoba manje sesitshelwa ukuthi useLondon."

Imihlangano yekomiti izoqala ngesonto elizayo. Phakathi kwabantu abazobizwa, kubalwa owayengukhomishana wamaphoyisa, uLieutenant General Khomotso Phahlane, isikhulu sezinhloni uLieutenant General Dumisani Khumalo nesikhulu samaPhoyisa kuMasipala waseKurhuleni, uBrigadier Julius Mkhwanazi.