Izindaba

UMafikizolo uveza imfihlo ngokunqoba kwakhe kweyonyaka

Charles Khuzwayo|Published

Ubonge ukwesekwa uMafikizolo ehlukanisa unyaka

Image: SITHUNYELWE

UMCULI kamaskandi ohlukanise unyaka kuKhozi FM nakuSABC 1 ngengoma ethi Uzoncengwa Unyoko, uLethukuthula "Mafikizolo" Mhlongo, uveze okumenze wanqoba lo mqhudelwano. Yize le ngoma ingene kwiTop 10 sekucace bha ukuthi ayiconsi kwabaningi njengoba beyidlalwa ngapha nangapha emicimbini emikhulu, kodwa uMafikizolo (27) uthe ubenovalo.

Le nsizwa yaseWasbank, ngaseMnambithi, ithe ilekelelwe ukuthanda nokuhlonipha abantu kanye nokubambisana nozakwabo kumaskandi. "Siyabonga indlela abantu akade bevota ngayo, bengibonisa nobufakazi bokuthi bayavota. Impela ithemba belikhona kodwa kuthe sekuqala kubizwa iTop 10 hhayi ngaqala ngaba novalo."  

UMafikizolo udlule ngehubo kuThandeka "Mawhoo" Ngema waseShowe wengoma ethi Bengicela olale isibili. UDJ Tira ulale isithathu ngengoma ethi Awungazi, uSjava uphume isine ngethi Uyena.  USkillz uphume isihlanu ngethi Mamma, uCiza ulale isithupha ngethi Isaka, uProfessor ungene endaweni yesikhombisa ngengoma ethi Order, uSam Deep uphume unombolo 8 ngethi Shela, uShebeshxt uphume kunombolo 9 ngethi Rato Laka kwathi uJazzworx noThukuthela bayibamba emsileni ngengoma ethi Uma Wengane.

UBEGILA imihlola esteji uMafikizolo ohlukanise unyaka kuKhozi FM

Image: SITHUNYELWE

UMafikizolo ubuye wabonga kakhulu nakubantu bangakubo abamthwale kusukela esemncane. "Uma ngicabanga lapho engisuka khona  kodwa abantu bangithathile, bangithintitha ngaba umuntu nami emhlabeni. Ngiyababonga kakhulu," kusho uMafikizolo.

Lo mculi akagcinanga ukuhlabana kuKhozi kuphela kodwa nakwiNewcastle FM ubaqwaqwade emakhanda kwathi kuMhlobo Wenene waphuma isine. Kwezinye iziteshi kuhambe kanje: KwiGagasi FM kube wuDJ Tira- Awungazi. IShela ikhonye kwiPower FM, Jozi FM, Kaya FM, YFM, Motsweding nakwiRise FM.

KwiMetro FM - ISaka- Ciza, Thobela FM - Rato Laka nguShebeshxt, Umhlobo Wenene FM - Umalume nguMr Vee Sholo, Ikwekwezi FM- Igwebo nguMan Phezulu, Capricorn - Sdudla or Slender nguShandesh & Mvzzle, Phalaphala FM- Sesi kaRose nguMakhadzi, Lesedi FM- Ya itshepelang midimo ngu-Oufadafada.

KwiLesedi kusuke umsindo kangangoba inhlangano yamaciko iFree State Music Association (FSMA), iyavutha bhe ngengoma ehlukanise unyaka. Ize yabhala incwadi evuthayo kuSABC. Okunye okuphawulekile ukuthi uShebeshxt unqobe kwiThobela FM esesitokisini kwathi uMakhadzi wahlabana kwiPhalaphala ebambekile esibhedlela saseLimpopo. Njengamanje ugulela ngasekhaya njengoba ededelwe izolo.