Amaphoyisa angaphansi kweWelkom Public Order Police (POP) alandele umkhondo abopha indoda eneminyaka engu-40 ubudala ebifunwa uthuli ngokugwaza unkosikazi wayo (31) kanye nosbali wayo (34).
Image: SAPS
Amaphoyisa angaphansi kweWelkom Public Order Police (POP) alandele umkhondo abopha indoda eneminyaka engu-40 ubudala ebifunwa uthuli ngokugwaza unkosikazi wayo (31) kanye nosbali wayo (34).
Lokhu kulandela isigameko esenzeke ngoLwesihlanu mhlaka-19 Disemba 2025.
Umsolwa kusolakala ukuthi wagwaza usbali wakhe ngommese omkhulu ngaphambi kokuba agwaze umkakhe ekhanda. Usole unkosikazi wakhe ngokujola wathi umfowabo uyena obemvikela udadewabo.
Kusolwa ukuthi umsolwa wabalekela eLesotho emuva kwalesi sigameko wabe esefunwa ngamaphoyisa. NgeSonto, mhla ka-4 kuJanuwari 2026 amaphoyisa athole imininingwane ngokubuya kwakhe nokuthi ukuphi umsolwa. Kusolakala ukuthi ngesikhathi ebuya umsolwa wathumela umyalezo kumkakhe. Kulo myalezo kuthiwa wabikela isisulu sesifazane ukuthi uzombulala aqedele akuqalile.
Umsolwa utholwe endaweni eseThabong. Ngesikhathi amaphoyisa efika endlini, umsolwa uzame ukubaleka ebona amaphoyisa. Amjaha ngezinyawo, wabe eseboshwa.
Kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseWelkom maduze ngecala lokuzama ukubulala.