SIBONISO MTESHANE
Image: SITHUNYELWE
USATHUTHUMELA umndeni waseBangibizo, eMthwalume, ngowesilisa obuye wazobulala abomndeni ababili, kulandela ingxabano eyenzeke emgwaqweni ngoMgqibelo.
Kuthiwa uMnuz Siboniso Mteshane (31) nomzala wakhe uMnuz Kwanele Gumede (33), badutshulelwe ekhaya, bashona ngumsolwa owaziwayo nosezinikele emaphoyiseni.
Owomndeni, ocele ukungavezwa ngoba umsolwa engowasendaweni, uthe umsolwa udubula laba nje, ubekade esuse umsindo ngokuthambana kwelanga, eshayisa ngesibuko semoto umshana woyedwa wababulewe emgwaqweni.
KWANELE GUMEDE
Image: SITHUNYELWE
“Bebeqeda ukwehliswa amatekisi abebahambise ePort Shepstone, embondweni welungu lomndeni, sebehamba ngezinyawo, bebuya beza ekhaya,” kusho owomndeni.
Uthe uKwanele umbuzile lona wesilisa - okuthiwa ubehamba ngeveni athutha ngalo izingane zesikole - ukuthi uyabona yini ukuthi useshayise umshana wakhe, waveza nokuthi lona wesilisa esikhundleni sokuthi alibone iphutha lakhe, uvele wachapha uKwanele ngenkulu inhlamba.
“Ube esemsongela ethi uzobuya azomdubula,” kusho yena.
Uthe uKwanele akazange azinake lezi zinsongo kanti umsolwa uzobuya ngempela azomdubula.
Uveze ukuthi umndeni uvuswe yizigi zomuntu obehamba emnyango kanjalo nokuqhuma kwesibhamu.
“Umfowethu omdala uvuke wabuza ukuthi kwenzekani, ingane yentombazane iphume kuqala yayobheka emjondolo obekulele kuwo ababulewe, yabafica bedutshuliwe,” usho kanje.
Uthe uSiboniso ubesembhedeni equma (ngenxa yezinhlungu), opha, yathi uma iqhubeka nokuqalaza ngaphakathi endlini, yazithela kuKwanele, ehleli phansi, egebise ikhanda, engasanyakazi, naye opha.
“USiboniso uphuthunyiswe esibhedlela okuyilapho afike washonela khona. UKwanele yena kubonakale khona endaweni yesigameko ukuthi usethule.”
Uthe bayabona ukuthi umsolwa ubehlose ukubabulala ngoba badutshulwe ezindaweni ezibucayi, waveza ukuthi bayabona nokuthi umuntu abemfuna uKwanele njengoba ebe nengxabano naye kodwa wasale esedubula noSiboniso ngoba ebafice ndawonye.
Uthe bagqemeke udume lwengozi ngokwehlelwa umshophi kade bejabulele ukuphuma kombondo ekhaya.
“Sisathukile. Abantu abahloniphi nhlobo ngoba umsolwa wenze lokhu azi kahle ukuthi lapha ekhaya kukhona iphoyisa. Umthetho sifuna uthathe indawo yawo ukuze siphole.”
Uthe babuhlungu ngoba bebesabheke lukhulu kwababulewe kanti futhi bashiye izingane ezisencane.
Okhulumela amaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Paul Magwaza, uthe amaphoyisa aseHibberdene, aphenya icala lokubulawa kwababili kulandela isigameko esenzeke ngoMgqibelo.
"Kuthiwa ababulewe badutshulwe ekhaya, belele endlini engaphandle. Umsolwa (31) ugcine ngokuzinikela emaphoyiseni nesibhamu sakhe esisemthethweni. Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseMzumbe, kusasa (namhlanje)," kusho uMagwaza, othe amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.
Related Topics: