IBUTHO eMkhosini woSelwa
Image: Facebook/ KZN DSAC
USIHLALO womkhandlu weSilo, iNkosi Zuzifa kaMangosuthu Buthelezi, noNdunankulu kaZulu, uMfu Thulasizwe Buthelezi
Image: Facebook/ KZN DSAC
ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini
Image: Facebook/King Misuzulu
ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini siphume emgonqweni ngesikhathi uMkhosi woSelwa ufika kuvuthondaba.
IMbube ibonakale okokuqala izolo, kulandela ukugonqa eyakuqala ngesikhathi kungena uMkhosi woSelwa, ngonyaka odlule.
INdlulamithi yamaKhosi iphume emgonqweni ivunule ngamashoba, okuyiwo asebenza kakhulu uma kuwuMkhosi woSelwa.
UMkhosi woSelwa ubanjelwe esigodlweni eMashobeni, oPhongolo.
NgoMgqibelo, umkhosi ubuhanjelwe abaNtwana baseNdlunkulu nabaholi abaqavile. Phakathi kwabaholi abaqavile ababonakale ngoMgqibelo, kubalwa loyo owayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, uNdunankulu kaZulu uMfu Thulasizwe Buthelezi, uSihlalo womkhandlu weSilo, iNkosi Zuzifa kaMangosuthu Buthelezi, okhulumela iSilo, uMntwana uThulani kaGqikazi Zulu kanye nabanye.
Ibutho elincane beliphume nezinkani emkhosini. Kulo mkhosi ibutho elincane libamba iqhaza elikhulu njengoba lifike esigodlweni ngeledlule, laphuma layogawula usekwane, laphica inhlambeko.
Nakuba iMbube iphumile emgonqweni ayikakazukubonakala emphakathi kuze kube kuphothulwa umkhosi.
Umkhosi uzophothulwa ngokuthi kushiswe uthi ngosuku olungakamenyezelwa.
Related Topics: