Izindaba

Baphefumula ngomdlinzo wokuhlasela kukaTrump kuleli

Sabelo Nsele|Published

UMENGAMELI waseMelika, uMnuz Donald Trump

Image: Sigciniwe

UMONAKALO odaleke enkambini yezempi eVenezuela, ngesikhathi kugasela amasosha aseMelika

Image: Juan Barreto / AFP

UKUGASELA kukahulumeni waseMelika ezweni elingumakhelwane wayo, iVenezuela, kwenze abanye bakuleli basabela ukuthi kungenzeka ngelinye ilanga iMelika igadle kuleli.

Uhulumeni wakuleli, amaqembu ezepolitiki kanye nenhlangano yezizwe, i-United Nations (UN), akugxekile ukugasela kombutho waseMelika, eVenezuela.

Amasosha aseMelika agasele eVenezuela ngempelasonto, afike ashaqa uMengameli wakuleliya lizwe, uMnuz Nicolás Maduro nonkosikazi wakhe, uNkk Cilia Florez.

UMENGAMELI oboshwe eMelika waseVenezuela, uMnuz Nicolas Maduro nonkosikazi wakhe aboshwe naye, uNkk Cilia Flores eCaracas

Image: Ariana Cubillos/AP

UMaduro noNkk Florez bathathwe bayogcinwa eMelika, lapho bezobhekana khona namacala okubalwa kuwo elokushushumbisa izidakamizwa okuthiwa zigcina ziphelela eMelika. Kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yaseMelika namhlanje.

UMengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, umemezele ukuthi iMelika izophatha izintambo zokubusa eVenezuela, kuze kube kuqokwa uhulumeni omusha.

UTrump uveze nokuthi izinkampani zikawoyela zaseMelika, zizoqala ukusebenza eVenezuela.

IVenezuela ingelinye la mazwe ahamba phambili ekukhiqizeni uwoyela.

UMENGAMELI wakuleli, uMnuz Cyril Ramaphosa nowaseMelika, uMnuz Donald Trump

Image: File/ AFP

Uhulumeni waseNingizimu Afrika uthe ukugasela kweMelika kuphambene nemigomo ye-UN elawula ukuziphatha kwamazwe.

Okhulumela uMnyango wezoBudlelwano naMazwe aNgaphandle, uMnuz Chris Phiri, uthe imigomo ye-UN inqanda amazwe ukuba agxambukele noma angene ngomkhono nesiphanga kwamanye amazwe.

"Imigomo ayivumi ukuthi elinye izwe lithumele umbutho wezempi ukuba uyongenelela odabeni olwenzeka kwelinye izwe. Sesike sabona kaningi emlandweni ukuthi ukugxambukela kwemibutho yezempi kwamanye amazwe akusizi ngalutho kepha kudala izinkinga nje kuphela."

EZINYE zezithombe eziveza uMengameli waseVenezuela, uMnuz Nicolas Maduro, oboshwe eMelika

Image: X

UPhiri uthe bafuna ukuthi i-UN ibize umhlangano ophuthumayo wezokuphepha lapho kuzokhulunywa khona ngalolu daba.

Okhulumela i-UN, uMnuz Stéphane Dujarric, uthe kubizwe umhlangano ophuthumayo wezokuphepha ozokuba namhlanje, eNew York.

UDujarric uthe bakhathazekile ngokuqhubeka eVenezuela, wathi kukhona imithetho ephuliwe.

"IMelika iyingxenye yamazwe asayina imigomo ye-UN. Onke amazwe aphoqelekile ukuba ayihloniphe imigomo ayisayina."

Amaqembu ezepolitiki akugxekile ukugasela kweMelika.

Okhulumela e-ANC kwezithinta ezobudlelwano namazwe angaphandle ePhalamende, uNksz Andisiwe Kumbaca, unxuse amazwe omhlaba ukuba azwakalise ukungahambisani kwawo nokugasela kweMelika.

UNksz Kumbaca usole iMelika ngokufuna ukudla ifa leVenezuela.

"Yonke le nto imayelana nokuthi iMelika ifuna ukulawula iVenezuela, bazifunela umcebo waseVenezuela. Njengenhlangano eyalwela inkululeko, siyabeseka abantu baseVenezuela  nohulumeni wakhona owaqokwa ngokwentando yeningi."

Okhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe kusobala ukuthi iMelika ifuna ukudla amandla eVenezuela.

"Alikho izwe elinelungelo lokujuba amasosha ukuba agasele kwelinye izwe, abophe umengameli owakhethwa ngentando yeningi, bese lihlakaza nezinhlaka zokuphatha. Kusobala ukuthi badla amandla. UTrump uthe kuzophatha uhulumeni waseMelika kuze kuba kuqokwa omunye uhulumeni eVenezuela. Lokhu kuphambene nemigomo ye-UN."

Okhulumela i-EFF, uMnuz Sinawo Thambo, uthe uma engakhuzwa uTrump iNingizimu Afrika ingase izithole nayo ihlaselwa uTrump.

Ubudlelwano beNingizimu Afrika neMelika abubuhle kusukela kwangena uTrump osola uhulumeni wakuleli ngokuhlukumeza amaBhunu.

"Uma abaholi bamazwe omhlaba bengamkhuzi uTrump uzoqhubeka ahlasele elinye izwe. Kwazi bani mhlawumbe ngelinye ilanga uRamaphosa (uMengameli wakuleli) engazithola ehlaselwa ngenxa yala manga okuthi kubulawa abantu abamhlophe kuleli. Singazithola sihlaselelwa ukuthi seseka iPalestine."

Nabanye abantu abebephawula ezinkundleni zokuxhumana bazwakalise ukwesabela ukuthi kungenzeka uTrump agadle kuleli.

Abanye baze banxusa uhulumeni wakuleli ukuba ungayithu vu eyokugasela kweMelika eVenezuela ngoba besaba ukucasula uTrump.

UTrump waqala ukungawuzwisisi kahle uhulumeni wakuleli emva kokuba umangalele izwe elidlelana neMelika, i-Israel, ulisola ngodlame oluqhubeka ePalestine.

IMelika isanda kuhlasela eNigeria, ikhala ngokubulawa kwabantu abangamaKristu.