Izindaba

Kushubile iMelika igadla iVenezuela

INTATHELI YANGEMPELASONTO|Published

Umengameli waseMelika uDonald Trump

Image: Sigciniwe

IMelika ihlasele iVenezuela ngoMgqibelo ekuseni, "yathumba" umengameli wakhona, uNicolás Maduro, nonkosikazi wakhe - yabakhipha ngaphandle kwezwe.

UMaduro ubekwe icala lokusolwa ngobushokobezi bezidakamizwa namanye. 

"Uzobhekana nezobulungiswa eMelika emhlabathini waseMelika," kusho umshushisi omkhulu eMelika, uPam Bondi.

Umengameli waseMelika, uDonald Trump, ebuzwa ukuthi ngubani ozohola iVenezuela, utshele iFox News ukuthi: "Okwamanje sisazobheka."

UTrump uphinde wathi ulindele ukuthi i-US "ingene ngomkhono nesiphanga" esikhathini esizayo embonini kawoyela eVenezuela.

Ummeli-jikelele waseVenezuela uthe kubulawe izakhamuzi ezingenacala ekugaseleni kwamasosha ezikhungweni eziningi eCaracas nasezindaweni eziseduze nayo.

Sekuphele izinyanga i-US ilokhu ikhuphula ingcindezi eVenezuela, okuhlanganisa ukunkanisa kwamasosha ayo eCaribbean, yahlasela futhi yabulala inqwaba isola ukuthi amathangi obekuthiwa anowoyela agcwele izidakamizwa. Umhlaba uyavungama ngokwenzekayo ngokuhlasela kwe-US eVenezuela.