Izindaba

UShinga uvule izandla kwabafuna ukumketula

Sabelo Nsele|Published

UMbali Shinga weNFP

Image: Independent Newspapers Archives

UMPHATHISWA wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, osehlule kaningi exoshwa, uNksz Mbali Shinga, uvule izandla kulabo abafuna ukumketula esikhundleni. 

UNksz Shinga unxuse abaholi beNFP ukuba bayeke ukulwa bodwa, wathi izimpi zangaphakathi zizophazamisa ukusebenza kweqembu.

Ukusho lokhu esitatimendeni asikhiphe emva kokubhuntsha komzamo wesibili wokumxosha ekumeleni iNFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal. 

USomlomo wesiShayamthetho, uNksz Nontembeko Boyce, uchithe isicelo sobuholi beNFP sokuba kukhishwe uNksz Shinga esiShayamthetho. 

Ubuholi beNFP bebufuna ukuthi uNksz Shinga akhishwe esiShayamthetho ngenxa yokuthi umisiwe eqenjini, wamiswa emva kokuba eshaye indiva umyalelo weqembu wokuba aseke isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, esasifakwe iMKP. 

UNksz Boyce uthe bekufanele lolu daba baluxazulule ngaphakathi kwiNFP, lungaze lufike esiShayamthetho. 

"Kungokwesibili manje kuba nomzamo wokungikhipha esiShayamthetho. Indlela abazama ngayo ukungikhipha esiShayamthetho ayikho emthethweni futhi ishiya imibuzo eminingi. IsiShayamthetho lesi silandela uMthethosisekelo kuyo yonke into esiyenzayo. Le nto bekungafanele ize ifike esiShayamthetho. Akufanele sithathe izinqumo ezizolimaza iqembu. Ngiyibonile incwadi kaSomlomo futhi ngeke ngigiye ngayo. Impendulo kaSomlomo ayisho ukunqoba kumina kodwa iyisikhumbuzo nje sokuba kuhlonishwe umthetho."

UNksz Shinga uthe uyabuhlonipha impela ubuholi beNFP kodwa wathi angeke asonge izandla uma ebona bungayilandeli imigomo yeqembu. 

"Angifuni kudicilileke phansi isithunzi seqembu. Engikukhalelayo ukuba kulandelwe imigomo yeqembu."

UNksz Shinga uthe uzimisele ukusebenza nabo bonke abaholi beqembu. 

"Njengoba ngivula izandla nje, akukhona ukuthi ingoba ngiyigwala kodwa ingoba ngifuna kulungiswe izinto. Asikwazi ukulwa sodwa ikakhulukazi ngale sikhathi lapho khona abantu baseNingizimu Afrika belidinga iqembu. Ukhetho lohulumeni basekhaya seluseMome, kufanele sibambane.

"Ngiyacela ukuba sonke sizinuke amakhwapha. Ngiyazi ukuthi kohlezi kukhona ukungaboni ngaso linye emaqenjini ezepolitiki. Kufanele sithole indlela elungile yokuxazulula izinkinga. Mina nje ngikulungele ukuba sibonisane."

UNksz Shinga uphinde abe usihlalo weNFP KwaZulu-Natal.

NgoJuni, ubuholi beNFP buke bazama ukukhipha uNksz Shinga esiShayamthetho kodwa isicelo sabo sachithwa.

Umdonsiswano kaNksz Shinga nobuholi beqembu sebuqubule kwabathile umbono wokuthi angaba wumholi weqembu esicongweni njengomsunguli walo, uNkk Zanele kaMagwaza Msibi, ongasekho.