Izindaba

Kuthungathwa ominze olwandle eBallito

Nonkululeko Nhlapo|Published

Iyaqhubeka imizamo yokumthungatha abaminze olwandle

Image: Sigciniwe

Abezimo eziphuthumayo basebenza nabaqaphi basolwandle ukuzama ukuhlenga umuntu okuthiwa uminze ebhukuda eThompson Beach, eBallito ngoLwesihlanu ekuseni.

Kubikwa ukuthi lo muntu ubonakalise ukuba nenkinga emanzini ngemuva-nje kokugamanxa kwehora lesihlanu ekuseni.

Kwenzeka lokhu abezimo eziphuthumayo ngaphansi kwenkampani i-IPSS Medical Rescue, basendleleni ebheke ePennington Beach, oGwini oluseNingizimu lapho bezoqhubeka khona ngemizamo yokumthungatha abantu ababili abagcine bengatholakalanga ngoLwesine ebusuku.

"NgoLwesine ntambama, sibizelwe ePennington Main Beach ogwini oluseNingizimu, kulandela imibiko ethi okungenani abantu abahlanu bathathwe wulwandle. Abaqaphi basolwandle bakwazile ukukhipha umuntu oyedwa esesimweni esikahle," kusho abe-IPSS Medical Rescue medics.

Ngeshwa, omunye wesilisa osekhulile okutholakele ukuthi useshonile. Ngabo ubusuku bangoLwesine, kutholwa esinye isidumbu esikhafulwe amanzi olwandle.

"Kulindeleke ukuthi uqhubeke namhlanje umsebenzi wokuthungatha ababili abangakatholakali."