Amaphoyisa aseLimpopo abophe owesilisa ona-19 osolwa ngokukhulelisa amantombazane amabili
Image: Sigciniwe
Kuboshwe owesilisa oneminyaka engu-19 okhulelise kanye kanye amantombazane aneminyaka engu-14 nena-15 eMarapong, eLimpopo ngoLwesibili.
Umsolwa ubhekene namacala okudlwengula amantombazane amancane.
Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo, uColonel Malesela Ledwaba, esitatimendeni, uthe intombazane ena-14 iye emtholampilo iyohlolwa ngoDisemba 18 kwafike kwatholakala ukuthi izithwele.
“Ngalo lolo suku, intombazane eneminyaka engu-15 yasendaweni efanayo iye esikhungweni sezempilo yafika yatholwa ngabezempilo ukuthi izithwele,” kusho uLedwaba.
Uthe umsolwa uphele emehlweni esebona ukuthi amaphoyisa ayamthungatha kulandela ukuvulelwa amacala amabili okudlwengula izingane.
“Inhlanhla yomsolwa iphele ngoLwesibili, ngoDisemba 30 2025 ngesikhathi amaphoyisa emthola eplazini eliseMakopa, eThabazimbi.”
Umsolwa uzobingelela iNkantolo yeMantshi eLephalale namuhla ngoLwesihlanu.