Izindaba

Kuhlolwa izinga lomonakalo esibhedlela iMadadeni

Nonkululeko Nhlapo|Published

Umnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uzohlola umonakalo odalwe yimvula

Image: Sithunyelwe

Imvula ebihambisana nesiphepho kudalw umonakalo omkhulu eNewcastle, eDanawosi eDundee nase-Utrecht ngoLwesihlanu ntambama.

Umnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uveze ukuthi isiphepho esinamandla sidale umonakalo omkhulu kwingqalasizinda yezempilo esifundeni saseMajuba.

Okwamanje umnyango uqinisekisa lokhu  okulandelayo:

Isizinda se-EMS yaseMadadeni yisona esikhahlamezekile njengoba kubikwa ukuthi kuwe isihlahla esikhulu kwalimala izakhiwo nothango lwesibhedlela. 

Esibhedlela i-Niemeyer Memorial,  kulimale uphahla lwegumbi lweziguli  (OPD)/Ihhovisi Labalimele kanye nehhovisi elamukela iziguli, okubangele ukuthi lingene amanzi kulezi zindawo ezibucayi.

Ngesitatimende esithunyelwe kwabezindaba, umnyango uthe: "Amathimba ethu aphethe ingqalasizinda kanye nezinsiza azohlola ngokugcwele izinga lomonakalo. Kodwa uma kubhekwa ubukhulu bomonakalo, silindele ukuphazamiseka okuthile ezinsizeni zezempilo zansuku zonke ezikhungweni ezithintekile. Lo monakalo uyakhathaza, futhi umnyango uzosebenzisa izinhlelo zezimo eziphuthumayo ngemuva kokuhlolwa okuphelele ukuqinisekisa ukuthi izinsiza zezempilo eziphuthumayo ziyaqhubeka nokusebenza ngaphandle kokuphazamiseka okuncane. Sicela umphakathi usibekezelele kulesi sikhathi esinzima."

 

Kulimale isakhiwo esibhedlela iMadadeni eNewcastle

Image: Sithunyelwe