Kubi kumsakazi weGagasi ohlasele abangani benkosikazi efuna izingane zakhe ngo-dli
Image: Sigciniwe
Angase abhekane necala lokushaya, umsakazi weGagasi FM, owenza uhlelo lwasekuseni phakathi nezinsuku, ngemuva kokufika ekhaya kubo kamngani wenkosikazi yakhe ethi uzofuna izingane zakhe.
Lo msakazi kuvela ukuthi unkosikazi wakhe uqoqe amasaka akhe emzini wabo, wahamba ngemuva kokuthi ehambe wayolobola unkosikazi wesibili.
NgoLwesithathu izintatha kuthiwe ufike kubo kamngani kankosikazi wakhe, edle amanzi aponjwana nala evuke ulaka, washaya umsizi wasengadini, waxabana namalungu omndeni la unkosikazi wakhe akade ekhona ethi abamnike izingane zakhe.
Umthombo weSolezwe, ngumngani kankosikazi walo msakazi, uveze ukuthi bawudle kabi uKhisimuzi ngenxa yodlame olwenziwe ilo msakazo.
"UNkosikazi wakhe uhambile ngemuva kokuthi kade eyolobola ngempelasonto edlule. Uthathe isinqumo sokungayi ekhaya kubo kodwa waya kamngani wakhe wafike wadala umsindo esingakaze siwubone. Ubethuka wonke umuntu egcekeni ethi ufuna izingane zakhe, uze washaya umsizi wasengadini namanje esifuna ukuthi ahambe ayomvulela icala ngalesi senzo," kusho umthombo.
Uthe isimo besisibi kakhulu ngendlela yokuthi abomndeni baze babiza amaphoyisa ukuzobhekana isimo futhi bamxoshe ahambe.
Umngani kankosikazi walo msakazi, naye uyiqhophile iVideo, echaza ngendlela abahlukumezeke ngayo okwenziwe ilo msakazi.
Uthe okubuhlungu ukuthi lo msakazi athuke uMama wakhe, aze akhiphe amazwi okuthi yena ngeke bamenze lutho ngoba kulo muzi akade eye kuwo akukho ndoda, engamvimba kwakwenzayo.