Izindaba

SIGOQA UNYAKA: Kuhlonishwe uMkhwanazi no-Ibrahim Traoré ngengoma

Charles Khuzwayo|Published

ABAFANA BAKAMOLO BANGEMPELA

Image: FACEBOOK

ISIHLOKO: Usebuyile USemelina

UMCULI: Abafana BakaMolo Bangempela

UHLOBO: Maskandi

UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO

KULELI qembu kucula insizwa eyasebenza kakhulu noBhekumuzi Luthuli futhi eyilungu loFeleba, uXolani "uSxubho Samantombazane" Mkhize.

Kuleli cwecwe eliyi-Extended Play (EP) uXolani uhambisana nendodana kaBhekumuzi, uTholinhlanhla "Madlanduna" Luthuli. Akukhona okokuqala lezi zinsizwa zisebenzisana njengoba zenza nasengomeni eyayithi Izitha, eyayikwi-albhamu eyayithi Nwayi Nwayi. Empeleni uMadlanduna ubambe iqhaza ezingomeni eziningi okubalwa kuzo eyisihloko nakwethi Attention, Amaqhaw' Akithi nethi Umhlab' Usujikile

 Lezi zinsizwa ziwunamathisele ne ushuni wakwaMolo owadunyiswa kakhulu uBhekumuzi. Kwethi Attention bakhuza abaculi abashaya ushuni wakwaMolo kodwa abachapha abantu ngenhlamba. Uma uzifela ngomculo wokholo, uzoyithanda ingoma esihloko sithi Umhlab' Usujikile. Kukhalwa ngokubulalana kwabantu abathandanayo.

Engomeni ethi Amaqhaw' Akithi, Abafana BakaMolo Bangempela bathulela isigqoko umholi waseBurkina Faso, uCaptain Ibrahim Traoré, noMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi.

Leli culo lishaywe ngesigqi sengoma kaBhekumuzi eyayithi Imilanjwane. Uma wawuwuthanda umculo kaBhekumuzi, noma kanjani uzobhema ukholwe ngale sigqi salo mculi odabuka eNkandla.