Izindaba

Ngibonise MaGumede, ukuhlukunyezwa sekungenze ngahalela abesifazane

Distance Gumede|Published

Udinga izeluleko okhala ngokufisa abantu besifazane ngenxa yokuphoxeka

Image: sigciniwe

Umbuzo.

Sawubona sisi MaGumede, ngingowesifazane osemncane. Ngike ngathandana cishe nabesilisa abahlukene kodwa kubona bonke akekho noyedwa owake wangiphatha kahle.

Ngihlukumezeke ngendlela yokuthi ngize ngazithola senginyanya wonke umuntu wesilisa. Ngihlalile isikhathi eside ngingajoli kodwa inkinga engibhekene nayo manje wukuthi ngizithola senginemizwa yabantu besifazane, angazi noma ngiyagula yini okanye yinto yesikhashana esazodlula?

Ngikhuluma nje senginakho nokumbuka umuntu wesifazane ngimhalele ngifise ukuzithokozisa naye. Angikaze ngithandane nowesifazane phambilini kodwa manje ngiyafisa.

Ngicela MaGumede ungisize ungibonise ukuthi kungabe kukhona yini okungahambi kahle ngami?

Impendulo

Sawubona sisi omncane, ngiyayiqonda inkinga yakho dadewethu, njengoba uchazile ukuthi uhlukumezeke kakhulu kubantu besilisa ngicabanga ukuthi inhliziyo yakho ayikaxoli, nawe awukwazanga ukuxoxa nawe uqobo uzitshele ukuthi amadoda awafani.

Yebo kungenzeka uthole amathathu anezenzo ezifanayo kulandelana kodwa lokho akuchazi ukuthi wonke anjalo. Uma ungase uzinike isikhathi uphinde uthole umuntu ozokhuluma naye akubonise mhlawumbe inhliziyo yakho ingaxola.

Ngingakululeka ngokuthi ungaqali uthandane nabesifazane kuze kube uyaqinisekisa ukuthi yini oyifunayo nezokwenza ujabule ukuze ungagcini usubamba uyeka nawe ungasazi ukuthi wenzani. Ngikufisela inhlanhla