Izindaba

Kuboshwe isoka ngelokubulala ngesihluku umlingisi

Charles Khuzwayo|Published

Umlingisi obulewe u-Iman Smith

Image: Facebook

UMPHAKATHI waseNew Jersey, e-USA usathuthumela ngesihluku okubulawe ngaso umlingisi wodumo kwiThe Lion King, u-Imani Dia Smith.

 Le ntokazi, eyayilingisa indawo yebhubesi elinguNala omncane kulo mdlalo olingiswa ngamaphimbo kuphela, igwazwe yabulawa esehlakelweni okusolwa kuso isoka layo, uJordan D Jackson-Small (35).

 Lesi sigameko senzeke e-Edison, ngeSonto. UJordan wazama ukuphuthumisa u-Imani esibhedlela kodwa washona nje eqeda kufika khona. 

Umsolwa, obhekene namacala amane, usatoke esitokisini iMiddlesex County Adult Correctional Centre. 

UJordan usolwa ngecala lokubulala, elokubeka impilo yengane engcupheni, elokuba nesikhali ngenhloso yokusosebenzisela into engekho emthethweni nokuba nesikhali ngendlela engekho emthethweni.

Umufi ushiye emhlabeni ingane eneminyaka emithathu futhi ezibonele ngamehlo unina ebulawa phambi kwayo.