Izigwebo ezinzima kwabalahlwe amacala abucayi
Image: Sigciniwe
NJENGOBA unyaka sewusongwa, kuningi okuqaphelekile obekwenzeka nobekushiya abantu bemangele. Okunye kwalezo zinto kufaka phakathi amacala abucayi amayelana nokubulawa kwabantu besifazane. Kubonakale izigwebo ezinzima ebeziwiswa yinkantolo, kujeziswa labo abatholakale benamacala okubulala abesifazane.
Kulo nyaka iNkantolo eNkulu yaseThekwini igwebe udilikajele uNdabenhle Lindokuhle Majola, owayebekwe amacala amabili elokudlwengula nelokubulala, uNksz Inam Tshakeni (20) owayekhulelwe amawele.
Yamgixabeza ngesigwebo seminyaka engu-10 ngecala lokudlwengula.
Kuvela ukuthi umufi wayekade ehambele indawo yobumnandi eseReservoir Hills, eThekwini, ngoJulayi 13, ngonyaka odlule. Kwathi uma umufi efika kule ndawo wahlangana noMajola.
Kuthiwa noMajola wagcina ebonakala ephuma ehamba naye umufi emfaka emotweni yakhe iFord Ranger. Ngemuva kwezinsuku eziyisikhombisa, kwatholakala isidumbu sikamufi silahliwe eCanelands, eVerulam, siphuke sakufahlaka izingalo nezinyawo.
UMajola wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngemuva kokuba efike kule ndawo yobumnandi emuva kokuba sekutholwe isidumbu.
Muva nje, uphume unxapha eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, umndeni kaNksz Mbali Mokokone (29) owabulawa yisoka lakhe, uMnuz Zimisele Dlulisa (39) esigamekweni esenzeka eMaoti, eNanda, ngonyaka odlule.
Lesi sigameko saba yindaba egudwini njengoba kwavela ukuthi uDlulisa wamklinya umufi waphinde wamgwaza njengoba wayenenxeba elilodwa lokugwazwa entanyeni.
Eceleni kwesidumbu kwatholakala isitini esasigcwele igazi. Kwavela ukuthi bahilizisana kwashuba ingxabano.
Esembulele, kuthiwa waphaka ukudla uDlulisa wadla eceleni kwesidumbu. Kwahlaluka nokuthi izingane zikamufi ezimbili zakubona konke okwakwenzeka ngosuku lwesigameko.
Inkantolo imgwebe iminyaka ewu-18 ebhadla ejele.
Kuwona lo nyaka, iNkantolo eNkulu yaseThekwini igixabeze uSiphamandla Gumede (31) odilikajele abayisihlanu neminyaka ewu-40 ngaphezulu ngokulahlwa amacala okubulala, ukuphanga namanye.
Lawa macala kwavela ukuthi uGumede wawenza eMlaza, ngoNovemba 2023. Ababulawa kuleli cala ngoNonthlomelo Golumbiza, Nandipha Ndabeni, Nkosinathi Phutheni, Cebolenkosi Zwane noMbongeni Nkwanyana.
Kuthiwa ngoNovemba 13, 2023, uGumede nabanye ayehlome nabo ngezibhamu baya lapho okwakuhlala khona uGolumbiza noNdabeni.
UPhutheni wayekade ebavakashele ngesikhathi sesigameko. Kuvela ukuthi uGumede nabanye badubula bephindelela bantshontsha nezinto ezahlukene.
UGolumbiza, Ndabeni noPhutheni baphelela khona lapho. UGumede nabanye basuka endaweni yesigameko baya endlini eseduze lapho okwakukhona uZwane noNkwanyana. Bafika bangachitha sikhathi, badubula uZwane noNkwanyana bephindelela bababulala.
Ngemva kwalokho, uGumede nayenabo baya endlini kaMantengu bafike bamdubula naye.
UMantengu waphuthunyiswa esibhedlela kwabangozi makhaza. UGumede wabe esekhalelwa ngamasongo kaSigonyela.
UGumede ugwetshwe udilikajele ngecala ngalinye lokubulala, iminyaka engu-10 ngelokuzama ukubulala neminyaka engu-15 ngelokuphanga.
Kwahlwa emini ku-Olwethu Mlakalaka (32) beno-Andile Nelson Thubeni (24) ngesikhathi iNkantolo yeMantshi yaseThekwini ibagixabeza ngesigwebo seminyaka engu-64 bebhadla ejele njengoba babebekwe uMbuso amacala abucayi ayisikhombisa, onke abalahla.
Esewonke amacala ebebebekwe wona kubalwa elokuthumba uMnuz John Mtsweni abalijezele ngeminyaka engu-15, kwelokubamba inkunzi bagixatshezwa ngeminye engu-15, elokuzama ukubulala amaphoyisa uCaptain Sifundo Nzama noCaptain Azile Enock abalijezele ngeminyaka emibili, banikwa unyaka owodwa kwelokutholakala nezinhlamvu ezingu-12, kube unyaka owodwa kwelokutholakala nezinhlamvu ezingu-11, bagixabezwe eminye engu-15 ngelokutholakala nesibhamu esisuswe izinombolo sohlobo lweTaurus Model neminye engu-15 ngelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni sohlobo lweParabellum Vector Semi-Automatic Pistol.
Amacala ababekwe wona kuhlalukile ukuthi asukela esigamekweni sokuthunjwa kukaMtsweni esenzeka ngoJuni 11, 2023.
Kuvela ukuthi uMtsweni wayekade esendaweni yobumnandi, iClassic Lifestyle & Shisanyama, eChesterville, ngalobu busuku ngesikhathi ebingelela abesilisa ababili babe sebemkhomba ngesibhamu, bamphoqa ukuba angene emotweni emhlophe iToyota base, bashaya bayachitha.
Kuthiwa bamthumba bahamba naye baya komunye umuzi oseNanda. Kuthiwa befika khona bambopha izandla nezinyawo bamphoqa ukuba ashayele ucingo umndeni wakhe awazise ukuthi uthunjiwe, ukuze angeke abulawe kumele kukhokhwe u-R50 000.
Kuvela ukuthi laba besilisa bagcina sebezishayela bona ucingo sebekhuluma ngqo nabomndeni kaMtsweni befuna imali ngodli. Kuthiwa umndeni kammangali wawudane ufaka imali usebenzisa izindlela ezahlukene okubalwa ivawusha yaseStandard Bank. Laba besilisa kuthiwa babelanda le mali kwesinye sezitolo esiseBerea Centre, besebenzisa umazisi womgunyathi.
Ngosuku aphunyuka ngalo uMtsweni, kuvela ukuthi yingoba kukhona abahlebela amaphoyisa ukuthi bayazi ukuthi uthunjwe kuphi nokuthi ngalelo langa uzosuswa ayiswe kwenye indawo.
Kuthiwa amaphoyisa ezinhlaka ezahlukene athola umkhondo nokuthi laba basebenzisa imoto enjani, babe sebeqala belandela le moto ngoJuni 16. Ngalolu suku amaphoyisa ahlangana nale moto egaraji laseNanda, laba besilisa bangabuza lutho, base bevulela ngenhlamvu emaphoyiseni.
INkantolo yesiFunda yaseNtuzuma imgixabeze ngodilikajele uNksz Ncamisile Hlophe owalahlwa yicala lokubulala indodakazi yakhe eneminyaka engu-14 ngoba nakhu efuna ukuthola imali yomshwalense.
Related Topics: