INKOSI ,uVukani Ntombela, ibonisana ngokuthize noNdunankulu, uMnuz Thami Ntuli, embizweni yesizwe sakwaNobamba, eBabanango
Image: ZAMANI MATHE
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uphawule okokuqala ngezinsolo ezenziwa yiSilo samaZulu, uMisuzulu kaZwelithini, emuva kokubhuqabhuqwa yindlala kwaso noNdlunkulu, uSihle Mdluli, edolobheni lase-United Arab Emirates, iDubai, ngo-Okthoba.
Ekhuluma embizweni yesizwe sakwaNtombela ebibanjelwe ezinkundleni zemidlalo zakwaNobamba, eBabanango, ngoLwesine, uNtuli uthe akakaze aphendule ngalolu daba ngoba ehlonipha futhi ekholelwa ukuthi izindaba zaseNdlunkulu ziphathwa ngobunono. UNtuli ubephendula emuva kokuba uSolwazi Jabulani Maphalala ebuye waluveza lolu daba. Uthe ngoba lusalokhu lubhedlwa uzoshaya ngezimfishane ngalo.
UNtuli uthe kungamampunge ukuthi kunesicelo esafakwa ehhovisi lakhe.
"Akunasicelo esalethwa ngasiphendula," kushaya uNtuli ngezinqamulelayo.
Ngesikhathi sikhuluma namazinyane nabaNtwana baseNdlunkulu esigodlweni saseMashobeni, oPhongolo, iSilo sadalula ukuthi kulolo hambo sabulawa yindlala ngenxa yokuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal wanqwaha noxhaso. Indlulamithi yaze yaphakamisa ukuba iNdlunkulu nesizwe samaZulu kuthole uzimele-geqe ukuze kuphume ngaphansi kokulawulwa wuhulumeni.
"Le ndaba yokuthi kuzophuma imali, ibizwe ngegama lethu ekubeni ingafinyeleli kithi kufanele igcine leyo nto boNdaba."
ISilo sathi size sibhuqabhuqwe yinkemane emazweni nje, yingoba uhulumeni kaNtuli wavele wagoqa izandla, wangakhipha ngisho indibilishi.
"Wathi siyoke sibone ukuthi iNgonyama nabantu bayo bazohamba yini. Ngaze ngabiza iNdlunkulu kaMawewe. Ngathi 'MkaNkosi ngiyakwazi ukuthi uzinikele esizweni njengoba nami ngizinikele nje kodwa nakhu sihamba singenamali? Asetholakele amathikithi, kanzima. Siyodlani phambili? Kuyoba yini eyongena emlonyeni ukuze siphile lapho siya khona?"
ISilo sathi uhulumeni kulolu hambo akaxhasanga ngalutho futhi wamangala ukuthi sihambe kanjani.
"Babona sebebona ezithombeni sesihleli namakhosi lawa ebebesivimba ukuba siwabone."
Khonamanjalo uNtuli utuse Inkosi yakwaNtombela ngokuba yisibonelo esihle ezweni ngenxa yokuthi ihola isizwe sayo ngobuqotho nangobuhlakani. Ubuye wakhuthaza amakhosi ukuba alwe nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nokuthwalwa kwezingane zamantombazane kungavunyelwene. Uthe lowo mkhuba awusilo isiko kodwa uyichilo.
Eqhuba uNtuli, uthe uphume umkhankaso wokulwa nalesi sihlava kulesi sifundazwe. Inkosi uNtombela ithe kule mbizo kusuke kudingidwa ngezindaba zesizwe sakwaNtombela. Inxuse uhulumeni ukuba asukumele inkinga ye-network neyokungabibikho kwezitolo.
INKOSI uVukani Ntombela ixhawulana noNdunankulu, uMnuz Thami Ntuli, embizweni yesizwe sakwaNobamba, eBabanango. Ongakwesokunele Inkosi uZuzifa Buthelezi neNkosi uNtokozo Mkhwanazi engakwesokudla
Image: ZAMANI MATHE
INKOSI uVukani Ntombela incokola noNdunankulu, uMnuz Thami Ntuli, embizweni yesizwe sakwaNobamba, eBabanango
Image: ZAMANI MATHE