U-DJ Warras obulawe ngokudutshulwa ngoLwesibili ekuseni
Image: SIGCINIWE
USAZIWAYO osanda kubulawa ngokudutshulwa eGoli, ngoLwesibili, uWarrick "DJ Warras" Stock, uchazwe njengomuntu obezigqaja kakhulu ngokuba wumZulu.
Ngokusho kwesinye sezikhulu zeGagasi FM futhi esisebenze noWarras kulo msakazo waseThekwini, uNhlahla Alex Mthiyane, uWarras ubeziqhenya ngobuzwe bakhe. Ekhuluma kwi-East Coast Radio, uMthiyane uthe uWarras ubazi ukuthi nanoma yikuphi lapho ehamba khona abantu bazocabanga ukuthi uyinsizwa emhlophe kodwa engungoti wolimi lwesiZulu.
"Ubethi 'empeleni mina ngiyindoda yomZulu. Yebo, ngiyikhaladi kodwa kunobuZulu kimi'."
UMthiyane ubuye waveza ukuthi uWarras ngesikhathi efika kwiGagasi FM wayefuna ukwethula uhlelo lukamaskandi kodwa oluzomela intsha yaKwaZulu-Natal.
Omunye osebenze noWarras kwi-5 FM, uCatherine Grenfell, uthe akuvumi nokuthi akhulume ngendlela aphatheke kabuhlungu ngakhona. Uchaze uWarras njengomsakazi obenobuchule futhi evelele kulo mkhakha. Uthe ubengubaba oyisimangaliso obezifela ngamadodana akhe.
Umngani omkhulu kaWarras futhi abesebenza naye kwiThe Shady PHodcast, uPhind'Gcobe "DJ PH" Madubela, uthe uWarras "ubehlanya" lokhu okuhle.
"Ngidabukela izingane zakhe ngoba ubewubaba oqotho kuzo, obengazenzela nanoma yini. Ubengachitha umfutho wakhe wokugcina ukujabulisa zona."
Uthe uWarras ubengakunqeni ukuzikhulumela nanoma yingani ezinkundleni zokuxhumana.
UWarras (40), odutshulwe ngezinhlamvu ezine esemotweni ngaseCarlton Centre, eGoli, wazalelwa eThekwini ngoNovemba 27, 1985, kodwa wakhulela eFilidi.
Eseyibhungu wafudukela eGoli, lapho afika khona wajoyina umsakazo wabantu abasha iY FM ngo-2008, enza izinhlelo zasezinzulwini zobusuku. Ngo-2011, wabe esesakaza iPrime Mode phakathi nezinsuku kusukela ngo-12 emini. Kwathi ngo-2012, wenza olwaluthi Undisputed phakathi nezinsuku ngo-6 ntambama.
NgoSepthemba 2012, yena nomsakazi weMetro FM, uLuthando Shosha, wohlelo lomculo wokujuxuza kwiSABC1, iLive Amp. UWarras owayebuye aziwe ngelikaShady Lurker, wadlulela kwi-5 FM ngo-2014, lapho afike wasakaza noTumi Vorster iThe 5th Element.
Ngo-2016, wethula uhlelo lweSABC3 iThe Man Cave amasizini amathathu. Ngo-2019, wasakaza noNomalanga Shozi uhlelo lwantambama kwiGagasi FM.
Uhambe emhlabeni esathula uhlelo oluthi Ngicel' iVisa kuMzansi Magic ngoLwesibili ngo-8 ebusuku, kusukela ngo-Okthoba 7. Ushiye emhlabeni izingane zakhe zabafana ezintathu, unina nezingane zakwabo ezimbili.
*Bheka nasekhasini 5.
U-DJ Warras ubengumZulu obezigqaja ngobuzwe bakhe
Image: Instagram
U-DJ Warras ubengumZulu obezigqaja ngobuzwe bakhe
Image: Facebook