Fikile Mbalula
Image: Itumeleng English / Independent Newspapers
UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, useyalele uphiko lwentsha lwale nhlangano i-ANC Youth League, ukuthi imashele ubuholi be-ANC uma sebunhlanhlatha.
Uthe lolu phiko akumele lube amavaka kodwa kumele luyimele into elukholelwa kuyona.
UMbalula uthe kabalindele ukuthi lolu phiko lusabe ukukhuluma nabaholi be-ANC njengoba bona sebebadala.
"Thina sesibadala, sibuye sicabangele indaba yokuthi sinemindeni, sinezingane ngakho asisakwazi ukuthatha izinqumo ezithile. Nina njengabantu abasha nicabangela ikusasa, aniyicabangi eyezingane, amakhosikazi kanjalo nezingane. Sithembele kunina ukuthi nisibuyise uma sesinhlanhlatha," kusho uMbalula izolo, ethula inkulumo kuvalwa ingqungquthela yalolu phiko eLimpopo.
Ukhumbuze lolu phiko ukuthi luhloniphe izinhlaka, lungabi imidlwembe uma luphakamisa imibono.
"Sesithembele kunina ngokusinika umhlahlandlela wezinto ezithinta intsha okumele sizenze. Le nhlangano kumele ibekhona futhi ezinkundleni lapho kugcwele khona abantu abasha."
Uthe abantu abasha abagcwele kuphela emasontweni, yingakho lolu phiko kumele lusabalele kuyona yonke indawo.
"Intsha yakuleli iphephezelisa ifulegi lakuleli emazweni omhlaba. Kulalelwa umculo wama-piano emhlabeni jikelele."
Uveze nokuthi kumele kuchithwe ondlovukayiphikiswa abafuna ukuzabalazala bahlale emandleni oMbuso noma sebebadala.
"Kumele intsha ivukele uMbuso uma kukhona ondlovukayiphikiswa e-Afrika. Abantu bakhathele abantu abafuna ukufela emandleni. Kumele siyeke ukuncenga amanye amazwe afana noMelika. Sinamandla siyizwekazi i-Afrika, ngakho akumele sivumele uMengameli Donald Trump (waseMelika), asikhiphe inyumbazane, kumele silwe."
Uthe ukholelwa ngukuthi i-ANC izobuyela emandleni ibuyiselwa yi-ANCYL.
"Sithembe i-ANCYL ukuthi izosibuyisela emandleni. Isikhathi sentsha manje njengoba sibheke okhethweni."
Uncome ingqungquthela yalolu phiko okukhethwe bonke abaholi ngaphandle kokuphikiswa, wathi i-ANC kumele ifunde lukhulu kulolu phiko.
"Akubanga nazingqinamba kule ngqungquthela. Abekho abakhale ngokuthi kukhishwe imali kuthengwa ingqungquthela. I-ANC kumele ifunde kwi-ANCYL ngoba le ngqungquthela ihambe kahle kakhulu," kusho uMbalula.
Uveze ukuthi intsha iyona okumele ihambe phambili empini yokulwa nezinga eliphezulu lentsha engasebenzi kuleli.
"Impi enkulu ngeyentsha engasebenzi okumele nisipheshe ngayo, ningayikhohlwa. Intsha kumele ithole amathuba omsebenzi."
Uthe labo abangakhethwanga abeze kwi-ANC bezosebenzela le nhlangano ngoba abalahlekanga.
Related Topics: