Izindaba

Kukhona okusina kumjeqeza 'umbulali' kaDJ Warras

Nonkululeko Nhlapo|Published

Fannie Masemola

Image: Siyabulela Duda/GCIS

UKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola uqinisekise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi umsolwa ecaleni lokubulawa kukaWarrick "DJ Warras" Stock uzoboshwa kule mpelasonto.

UMasemola uthe uphenyo lwamaphoyisa luhamba kahle futhi ukuqinisekisile ukuthi umsolwa usehlonziwe, kanti kulindeleke ukuba aboshwe kungakashayi uMsombuluko. "Ungumsolwa owaziwayo... nakanjani - hhayi namuhla, kodwa ngempelasonto - lowo msolwa uzoboshwa," esho.

UMasemola usho lokhu ngoLwesihlanu, eveza nokuthi amaphoyisa asebenza ngokuzikhandla njengoba sekuseduze kuboshwe nabathinteka emacaleni ahlanganisa nekubulawa kukafakazi weKhomishini kaMadlanga uMarius van der Merwe.

UVan der Merwe wadutshulwa wabulawa ngaphandle komuzi wakhe eBrakpan ngomhlaka-5 Disemba phambi komndeni wakhe. Kanye ngesehlo ssathusa abaningi sokubhujiswa kwesixuku ejoyintini  ehostela laseSaulsville mhla ka-6 kwephezulu.