INkosi Musawenkosi Ngubane
Image: Sithunyelwe
LIKHULU isasasa esizweni saMabomvu eMsinga ngemayini yamalahle ehlongozwa endaweni.
Inkosi Musawenkosi Ngubane ithe uma iphumelela imayini ehlongozwa kuzodaleka inqwaba yamathuba emisebenzi.
Inkosi ithe sekulindwe izikhulu zoMnyango wezokuMbiwayo ukuba zizohlola indawo. INkosi ithe indawo ehlongozwayo isentabeni esesigodini kwaMbhono.
"Amalahle akhona abonakala ngamehlo ngoba asendaweni ephezulu. Sengixhumanile nezikhulu zoMnyango wezokuMbiwayo. Nginethemba lokuthi izophumelela imayini."
Inkosi ithe kade yaqala ukukhulunywa indaba yemayini kodwa yabuye yaphelela endleleni ngenxa yombango wobukhosi obukhungethe aMabomvu.
Umbango wesihlalo udonse iminyaka emihlanu, Inkosi uMusawenkosi ize yangena esihlalweni ngoMeyi emva kokuxazululeka kombango wesihlalo.
"Indaba yaqala ukukhulunywa ngesikhathi ingakakhothami inkosi endala kodwa kwabuye kwangalandeleleka. Manje-ke sengiyayivuselela leyo mizamo yokuba kube nemayini."
Inkosi ithe ukuphumelela kwemayini kungenza kusize ekwehliseni isibalo sabantu baseMsinga abashonela emadolobheni amakhulu afana neGoli.
Ithe uma imayini isisebenza sizokwehla isibalo sabantu abazokuya kofuna imisebenzi emadolobheni amakhulu, nokunganciphisa isibalo sabashonela emadolobheni.
"Isifiso sami esikhulu ukuthi kunciphe isibalo sabantu abaya kofuna amatoho koGoli. Njengamanje sinenkinga yokuthi kunenqwaba yabantu baseMsinga abashonela eGoli. Abantu bafike eGoli benze izinto ezingalungile. Konke lokhu basuke bekwenziswa yindlala. Uma sekunemayini abantu abaningi bazobuya emadolobheni. Imayini izokwazi ukuqasha inqwaba yabantu. Nami ngike ngasebenza ezimayini ngaphambi kokuthi ngingene esihlalweni sobaba mkhulu. Kuyongijabulisa kakhulu ukwakhiwa kwemayini njengoba koqopha umlando omusha."
Inkosi iphethe izigodi ezingu-17, ithe ifisa ukubona isizwe sayo sithuthuka.
Ithe ifisa ukuthi kwakhiwe inxanxathela yezitolo endaweni.
"Ngike ngakhuluma nabaphathi benkampani eyakha iLiberty Mall (inxanxathela yezitolo eseMgungundlovu), bathe impendulo bazoyibuyisa ngoJuni. Abantu bathwele kanzima njengoba uma befuna ukuyothenga kufanele baye endaweni okuthiwa kusoThukela lapho bethola khona izitolo."
Inkosi ithe ifuna nokuthi abantu baseMabomvini baqinise kakhulu ekulimeni.
"Ngike ngakhuluma noMphathiswa wezoLimo (uNkk Thembeni kaMadlopha-Mthethwa), wathembisa ukuthi uzoselekelela ngoba sinawo amasimu maningi. Ngifuna ukuthi kube luhlaza kuwo wonke amasimu ngoba sinawo."
Related Topics: