Izindaba

URamaphosa ukhwele wadilika kwabafafaza amanga ngezwe

Mhlengi Shangase|Published

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa exhawula uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, phambi kukaNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uMnuz Gayton McKenzie, ngesikhathi kugujwa uSuku lokuBuyisana eNquthu, KwaZulu-Natal izolo

Image: GCIS

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa usekhwele wadilika kwabapenda kabi izwe, abakhuluma ngezinto ezimbi abathi ziyenzeka ekubeni besenga ezimithiyo.

Uthe abenza lokhu bafuna izwe libukeke kabi futhi abafuni ukuthi lithuthuke.

"Kunabasemkhankasweni wokudicilela phansi izwe, abakhuluma izinto ezingekho ngezwe lethu. Baqamba amanga ngezinto eziningi ngoba abafuni izwe liye phambili. Bathi kuleli kubulawa abalimi abamhlophe, kudliwa umhlaba wabo ngejozi ekubeni behubhuza amanga. Kumele siqhubeke sibumbane simnyama noma simhlophe ngoba lezi zinto abazishoyo azikho," usho kanje.

Ukusho lokhu izolo ethula inkulumo yosuku ngesikhathi kugujwa uSuku lokuBuyisana eNcome Museum eNquthu, KwaZulu-Natal. UMengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, ungomunye wabaholi abathi kwenzeka izinto ezimbi kuleli njengoba kubulawa abalimi kuthathwe nomhlaba wabo. Kwahlula ngisho uRamaphosa esehambe nethimba lakhe baya eMelika eyozama ukuyochazela uTrump ukuthi lezi zinto ezikhulunywa ngelakuleli azikho kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. 

URamaphosa uthe abakhuluma izinto ezimbi basuke befuna abantu bavukelane, baphemba impi nokwehlukana.

"Abakhuluma amanga ngezwe abasho lutho ngezingane zabamhlophe ezikhuluma isiZulu phaqa. Abasho lutho futhi ngezingane zamaBhunu ezidansela umculo wama-piano odume umhlaba wonke. Lezi ngezinye zezinto ezinhle ezenzeka kuleli kodwa abasikhuluma kabi abangazivezi." 

Unxuse umphakathi ukuthi uqhubeke ubumbane kuliwe nezinselelo ezibhekene nezwe.

"Zikhona izinselelo izwe elibhekene nazo okuwubugebengu, izinga eliphezulu labangasebenzi, inhlupheko, udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane nezinye. Lezi zinto siyazilungisa kanti kudingeka sibambisane." 

Uthe kumele lezi zinselelo kuxoxwe nangazo uma sekunezinkundla zokubhunga ngesimo sezwe.

"Lezi zingxoxo ngesimo sezwe kumele sizisebenzise ukubumbana, ukulwa nezinselelo izwe elibhekene nazo. Kumele siphume kulezi zingxoxo sibumbene kunakuqala," kusho uRamaphosa.

Uveze nokuthi elakuleli yilona lizwe alaziyo elineculo lesizwe elihlanganisa izilimi eziningi.

"Angilazi izwe elineculo lesizwe elihlanganisa izilimi ezehlukene. Lokhu kuyizinkomba zokuthi siyizwe elingacwasi, elibumbene."

Uthe izingane zezinhlanga ezehlukene zifunda ndawonye ezikoleni zakuleli, azinalo ubandlululo.

Unxuse ukuthi lungaphinde luqubuke udlame njengoba kulesi sifundazwe kwakushubile ibambene phakathi kwe-ANC ne-IFP.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, unxuse ukuthi kuphele ngezimpi zezigodi esifundazweni.

"Asibumbane, kuphele ngezimpi zezigodi esifundazweni. Asibumbane sakhe izwe singabantu baseKZN."

UNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kuleli, uMnuz Gayton McKenzie, uncome uRamaphosa ngeqhaza lakhe ekuhlanganiseni amaqembu ahlukene ayingxenye kahulumeni wokubambisana, iGNU.

Uthe bebeyizitha neDA kodwa ngenxa kaRamaphosa, sebebuyisene.

"URamaphosa akayi ndawo, uzophatha kuze kuphele ihlandla lakhe. Ufana nobaba kithina ngokusibumba kwiGNU. Abantu bahlale bethi ngikhuluma kahle ngoRamaphosa, kufanele ngoba wangenza ungqongqoshe ekubeni babengibiza ngebhantinti."