Izindaba

Kukhalwe ngokujikelwa yimindeni kwentsha engatohozi

Mhlengi Shangase|Published

ABAHOLI bophiko lwentsha lwe-ANCYL abakhethwe engqungqutheleni esongwa namhlanje, eLimpopo

Image: X/ANCYL

KUGQAME ubunzima intsha engasebenzi ebhekene nabo eNingizimu Afrika, engqungqutheleni yophiko lwentsha, i-ANC Youth League, njengoba uMengameli walo, uMnuz Collen Malatji, ebhoboke ngokuthi kuba wumqansa ukuthi le ntsha iqonywe noma imenywe emicimbini yezihlobo ngoba kwaziwa ukuthi izoba wumthwalo. 

UMalatji obuyele njengokugiya kulesi sikhundla ekhethwa ngaphandle kokuphikiswa, engqungqutheleni okulindeleke ukuthi isongwe namhlanje, eLimpopo, uthe kuba nzima nokuthi bathenge i-data kwabangasebenzi, ingasaphathwa ke eyokujola.

"Ujola kanjani ungasebenzi? Ujikelwa nawumndeni, ogcina ungasakumemi uma kunemicimbi ngenxa yokuthi uzoba wumthwalo ngoba ngeke ufake ngisho imali. Indaba yokungasebenzi kwentsha yibhomu elizoqhuma noma yinini."

Uthe bayakwamukela ukuthi isihlava sodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane uMengameli Cyril Ramaphosa, asithathe njengenhlekelele.

"Kanjalo nendaba yokungasebenzi kumele ayithathe njengenhlekelele. Sifuna kubuyekezwe nomnotho noma ukhula kancane."

Uthe izinto ezimbiwa phansi kumele zihlomulise abantu bakuleli.

Ubalule nokuthi bafuna kucishwe izikweletu ezibhekene nezitshudeni ezikweleta isikhwama esixhasa ngemali yokufunda, iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS).

"Sifuna imfundo yamahhala ngokugcwele, kucishwe izikweletu zezitshudeni ukuze zikwazi ukuthola iziqu zazo. Akululwe noxhaso lweNSFAS, lufinyelele kulabo asebeneziqu abasafisa ukuqhubeka nezifundo zabo," usho kanje. 

Uthe makunyuswe isibonelelo sesondlo sabantwana esidume ngeyeqolo ukuze sihambisane nokukhula kwezinga lokuphila kuleli.

"Akuqashwe abasebenzi ezibhedlela, kuhlinzekwe intsha ngezithinta usizo lwezengqondo. Sifuna kuqaliswe ngokushesha nomshwalense wezempilo kuleli, i-National Health Insurance (NHI) Act.

Uthe bafuna kube nemali ezobekwa eceleni ukulwa nokukhulelwa kwezingane kanjalo nezidakamizwa entsheni.

Uhlabe nekhwelo kuRamaphosa ukuthi axoshe bonke ongqongqoshe be-DA kwiKhabhinethi yakhe.

"Asifuni nabokufika ngokungemthetho abazoba abanikazi bama-spaza shops. Amabhizinisi kumele abekelwe intsha."

Ethula inkulumo kule ngqungquthela, uRamaphosa unxuse i-ANCYL ukuthi inxenxe intsha ukuthi ivote ngobuningi okhethweni lohulumeni basekhaya.

Uthe kumele kukhuliswe i-ANC ngokuthi le ntsha ivotele le nhlangano.

"Intsha iyona ebhekene nengwadla yokungasebenzi kuleli. Siyakuzwa ukukhala kwenu siwuhulumeni, udaba esilusebenzayo lolu."

Uncome intsha ebithamele umhlangano wakamuva we-ANC, iNational General Council, wathi iziphathe kahle.

"Nibeke imibono ngenhlonipho nangokuthula emhlanganweni weNGC. Anizange niphazamise umhlangano, lokhu kusitshengisile ukuthi senikulungele ukuhola," usho kanje.

Abanye abakhethiwe kule ngqungquthela oMnuz Francisco Dyantyi kwesePhini likaMengameli, Nksz Tsakani Tshivhiti kwesikaNobhala Jikelele, Nksz Zama Khanyase kwesePhini lokuqala likaNobhala Jikelele, Nksz Venus Blennies kwesePhini lesibiili likaNobhala Jikelele noMnuz Jacob Tau kwesikaMgcinimafa.