Izindaba

UMabuyakhulu uziphendulele kuMbalula obafanise neTazz

Sabelo Nsele|Published

Umqugquzeli we-ANC eKZN uMike Mabuyakhulu.

Image: Tumi Pakkies/ Independent Newspapers

UMGQUGQUZELI we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mike Mabuyakhulu, uziphendulele kuNobhala Jikelele wenhlangano, uMnuz Fikile Mbalula, obaphendule inhlekisa ngokubafanisa nohlobo lwemoto endala, iTazz.

UMabuyakhulu uthe akakuboni okubi ngokuthi bafaniswe neTazz ngoba uhlobo lwemoto eyinqokonqoko.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma esifundweni ngempilo yowayengunobhala jikelele we-ANC Youth League, uMnuz Sindiso Magaqa, ebiseMzimkhulu, izolo.

UMbalula uphendule ithimba elihola i-ANC KwaZulu-Natal inhlekisa ezweni ngesikhathi eliqhathanisa neTazz, wathi ngesikhathi beqoka ithimba lesikhashana babezitshela ukuthi baletha uhlobo oluphambili lwemoto, iFerrari.

UMabuyakhulu ukhombise ukukwamukela ukufaniswa neTazz, wathi selike latakula abaningi ezinkingeni ezahlukene.

"Angikaze ngiyibone iFerrari, ngiyigcina ezithombeni. IFerrari imoto nje ebizayo, bambalwa abantu abanayo. Ayikwazi ukuhamba emgwaqweni oyimbuqu, imfishane kakhulu. Ayikwazi ukuhamba emigwaqweni yaselokishini enemigodi, iyabiza le moto. Ayikwazi ukuphuma emigwaqweni emikhulu ingene emigwaqweni emincane.

"Kodwa-ke iTazz ilona esiyaziyo. Yilona esilijwayele ngoba ayilayishi abantu ababili kuphela kodwa ilayisha umndeni wonke. Abantu kabayazi iFerrari. Singafisa ukuba neFerrari kodwa iqiniso ukuthi imoto esiyaziyo iTazz. Lena imoto esike yasisiza sisezinkingeni eziningi."

UMabuyakhulu uncome amalungu e-ANC esifundeni iHarry Gwala ngokuqhubeka nokuthembeka kwi-ANC.

Yize i-ANC ingenzanga kahle KwaZulu-Natal okhethweni lwangonyaka owedlule, akuzange kube kubi esifundeni iHarry Gwala.

"Ukuhlangana kwethu kulo mkhandlu kubaluleke kakhulu ngoba ukuba ukhetho olwedlule kwakungukhetho lohulumeni basekhaya, sasizosala nomasipala ababili kuphela. Omunye wabo kwakuyoba ilona walapha eMzimkhulu, ngiyafisa ukuba nizishayele ihlombe ngoba i-ANC iyakubona ukusebenza kwenu kanzima. Omunye umasipala esasosala nawo ulapha eHarry Gwala. Angiyikhulumi eyabanye omasipala, kwakuyoxoxwa."

Limfiliba ikusasa lethimba lesikhashana elihola i-ANC KwaZulu-Natal.

UMbalula uveze ukuthi bazoqoka abantu abasha ukuthi bahole i-ANC KwaZulu-Natal ngonyaka ozayo.

Ithimba elikhona laqokwa ngasekuqaleni konyaka kulandela ukuhlakazwa kobuholi besifundazwe.