Izindaba

Izowudlela ejele uKhisimusi inkosi ebhekene nawokubulala

Sabelo Nsele|Published

INKOSI uSimphiwe Zuma, ibhekene namacala amathathu okubulala

Image: X

KUMNYAMA eNkosini ebhekene namacala okubulala, uSimphiwe Erick Zuma, njengoba izodlela uKhisimusi ejele, emva kokushabalala kwamathemba okuthi iwudlele ngaphandle ngesikhathi kuhlehliswa amacala okubulala ebhekene nawo okukhona kuwo amabili okusoconga izihlobo.

Amacala amathathu okubulala abhekene noZuma ahlehliselwe unyaka ozayo. UZuma ubevele kafushane eNkantolo yeMantshi eHowick.

Bekulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili ecaleni lesithathu abhekene nalo bese kuphinde kudluliselwa amacala eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu. Amacala ahlehlisiwe ngenxa yokungafiki kwabameli okuthiwa baphambanise izinsuku zokuhlala kwecala.

Icala libe selihlehliselwa uJanuwari 12. UZuma uchithe isikhathi esiningi kulo nyaka esejele emva kokuboshwa okokuqala ngoJuni. Uboshelwe icala lokubulala undunankulu wesizwe asiphethe sakwaNxamalala eMpendle, uMnuz Qalokunye Zuma.

Wadedelwa ngebheyili ka-R25 000 kuleli cala kodwa wabuye waboshelwa elokubulala ikhansela eliyisihlobo sakhe, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu, engakaqedi ngisho inyanga ephumile.

Inkantolo yasichitha isicelo sakhe sebheyili ecaleni lokubulawa kukaNdlovu owayeyikhansela le-DA kuMasipala waseMngeni.

UZuma ukuphonsela inselelo ukunqatshelwa kwakhe ibheyili. Ngesikhathi eboshelwe ukubulala uNdlovu, waphinde waboshelwa icala lokubulala owayelwa nokudayiswa komhlaba eMpophomeni, uMnuz Xolani Ndlovu-Ntombela.

UZuma ubengakasifaki isicelo sebheyili kuleli cala, bekulindeleke ukuthi acacise izolo ukuthi uzosifaka yini.

UZuma uboshwe kanye nabanye abalisa abane kula macala.

Ecaleni lokubulawa kukaNdlovu uboshwe kanye noMnuz Thobani Hlongwa, Khayelihle Shabalala, noThabo Mathonsi Chonco.

UChonco uphinde aboshwe kanye noZuma ecaleni lokubulawa kukaNdlovu-Ntombela lapho beboshwe noMnuz Thembelani Mbatha.

Umholi we-DA KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, uthe baphoxekile ukuthi icala lokubulawa kukaNdlovu alibange lisadluliselwa enkantolo enkulu.

"Sidumele, uMbuso ubulokhu ubambe uyeka, ubeka izaba. UMbuso uthe omunye wabameli ubezitshela ukuthi icala lizolalelwa ngoDisemba 14, okuyiSonto. Lokhu kusenza sizibuze ukuthi kanti yini lena eyenza ukuthi uMbuso ungafuni ukuthi leli cala lidlulele enkantolo enkulu."