Izindaba

UMbalula ukhwele wadilika ebuholini be-ANC eKZN

Sabelo Nsele|Published

Unobhala jikelele we-ANC uFikile Mbalula

Image: Itumeleng English / Independent Newspapers

UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, ukhwele wadilika ethimbeni lesikhashana elihola inhlangano KwaZulu-Natal. 

UMbalula uveze ukuthi bazokwenza izinguquko kuleli thimba elaqokwa ngasekuqaleni kwalo nyaka. 

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba lapho kuqhubeka khona ingqungquthela iNational General Council (NGC).

UMbalula uthe ithimba elaqokwa emva kokuhlakazwa kobuholi besifundazwe lihlulekile ukwenza umsebenzi walo, wathi abaholi abaqokwa balibele ukulwa izimpi zangaphakathi esikhundleni sokwakha kabusha izinhlaka zeqembu.

"Buyasiphoxa ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal. Ngesikhathi sibaqoka sasizitshela ukuthi silande  iFerrari (uhlobo lwemoto ephambili) kodwa manje kusobala ukuthi salanda i-tazz."

Ithimba lesikhashana linabantu abangu-66. UMbalula uthe bazolinciphisa ithimba.

"Sizoqoka abanye abantu, sifuna ukuba nethimba elincane."

Ithimba elikhona lalikade linikezwe izinyanga eziyisishagalolunye ukuba lihlele izingqungquthela zokukhetha ubuholi besifundazwe nobezifunda.

Lihluleke lancama ukwenza lokho kwaze kwaba kuphela isikhathi elalinekwe sona.

Umnqamulajuqu uphele ngenyanga eyedlule kodwa ithimba libuye lalulelwa isikhathi sokusebenza ngezinyanga ezintathu.

UMbalula uthe kubalulekile ukuba i-ANC ivuke izithathe KwaZulu-Natal, wathi uma i-ANC ingase ikwazi ukuvuka izithathe KwaZulu-Natal naseGauteng, ingakwazi ukunqoba ngamalengiso ukhetho.

Okhethweni olwedlule i-ANC yathola u-40% kuzwelonke ngenxa yokungenzi kahle KwaZulu-Natal naseGauteng.

KwaZulu-Natal yathola u-17%, kwathi eGauteng khona yathola u-33%.

Khonamanjalo: UMbalula uchithe eyokuthi ugaqele isikhundla sokuba iphini likamengameli we-ANC. 

"Amahlebezi okuthi ngigaqele isikhundla sokuba iphini likamengameli angazi niwathathaphi. Ziningi izinto ebezikhulunywa ngaphambi kokuthi kuqale iNGC. Kukhona abebethi kuzoketulwa uMengameli (uCyril Ramaphosa). Nganitshela ukuthi angeke yenzeke leyo nto. Nakhu ngempela iyaqhubeka iNGC, akekho osazame ukuketula umengameli."

Ingqungquthela ye-ANC izovalwa namhlanje ebusuku.

URamaphosa uzokwethula inkulumo yokuvala, ngaphambi kwakhe osihlalo bamakomiti e-ANC bazomemezela izinqumo ezithathiwe.

Eqhulwini wudaba lwesinqumo seSACP sokungenela ukhetho ngokuzimela, uhulumeni wokubambisana kanye namalungiselelo okhetho lohulumeni basekhaya.