KUSUKELA kwesokunxele uThandeka Ngobese, Mendy Mbatha, Nokuzithemba Duma no-Akhona Cele bephahle uNelisa Khumalo odle isicoco sika-Miss KZN Queen 2025/26 obuse-Austerville Community Hall, eWentworth, eThekwini ngoMgqibelo
Image: SITHUNYELWE
INTOKAZI yaseThekwini edle umhlanganiso emncintiswaneni wokumodela waminyaka yonke kaMiss KZN Queen 2025/26, uNelisa Khumalo, isithembise ukusebenzisa amandla alesi sicoco namathuba azoza naso ukushumayela ivangeli lokulwa nokufela ngaphakathi ebantwini abasha abasuke benezinkinga nokubahluphayo emoyeni.
UNelisa (21), owenza izifundo zeBachelor of Psychology e-University of Johannesburg, usho njalo emva kokuhlabana ngalesi sicoco emcimbini womncintiswano obuse-Austerville Community Hall, eWentworth, eThekwini, ngoMgqibelo.
Uthe okuhle nakuthokozela kakhulu ngalesi sicoco wukuthi sivele siqhakambisa ubumqoka bokukhuluma ngezinto nezimo eziphazamisa ukusebenza komqondo, kwaqondana nanokuthi kweyamene nezifundo zomkhakha awufundelayo kumanje.
“Manje sengibheke ukusebenzisa igama namandla ale nhlangano yokumodela ukuthi ngihambele ezikoleni ezahlukene ezweni lonke, ukukhuthaza izingane ukuthi zingafeli ngaphakathi uma kukhona okungaziphethe kahle.
UNELISA Khumalo, odle isicoco sika-Miss KZN Queen 2025/26 ngempelasonto
Image: SITHUNYELWE
“Lokho ngizokwenza ngoba ngikholwa wukuthi ukuqala ezinganeni zisencane, zifundiswe ngobumqoka bokwenza lokhu, kungayiqeda nya inkinga yabantu abagcina beguliswa noma bebulawa wukuthi kuningi okubahluphayo abakuvalele ngaphakathi,” kusho uNelisa othathe lesi sicoco kuNoluthando Mngadi, owasinqoba nyakenye.
Eqhuba, uNelisa odle nesicoco sikaMiss Personality kuwo lo mncintiswano, udalule nokuthi lokhu uzokwenza nangenhlangano yakhe engenzinzuzo iHow To Heal with Nelisa, nayo evele inezinhlelo ezifana nezalo mncintiswano okungukukhuthaza abantu ukuba babhoboke ngokubahluphayo.
Endaweni yesibili kulo mncintiswano kungene uNokuzithemba Duma, kwaba wuThandeka Ngobese kweyesithathu, Akhona Cele kweyesine noMendy Mbatha kweyesihlanu. Kwabaneminyaka engaphansi kuka-18 kunqobe uNaledi Shezi (16) noSinethmba Majozi kweyesibili.
Ngale kwezicoco ezinkulu zosuku; kuklonyeliswe nabanye abenze kahle kokunye okuqondene nomncintiswano okukhona kukho uMiss Charity onqotshwe wuZusiphe Nhlupheko, Top Model enqotshwe wuSinethemba Majozi noMiss Ambassador onqotshwe wuMihla Tshazi.
Lo mncintiswano waqalwa wuZime Msweli ngo-2018; kanti eminyakeni edlule sewake wanqotshwa yizintokazi esingabala kuzona oKholeka Dlamini, Philasanda Ngcamu, Sithabile Mnyandu no-Ayanda Thabethe oseke wagqama naku-Miss South Africa, ephuma isibili ngo-2022.