Izindaba

Kuboshwe ikhansela ngokudubula ubaba kamufi

INTATHELI|Published

Ikhansela elibhekene namacala okuzama ukubulala uDumsane Christopher Gonrover Masilela

Image: SAPS

Ikhansela, 34, lasePienaar, uDumsane Christopher Gonrover Masilela, livele ngoMsombuluko ngaphambi kweNkantolo yaKaNyamazane ngamacala amabili okuzama ukubulala. Icala lihlehliselwe uLwesibili ukuze kuqhutshekwe nesicelo sakhe sebheyili.

Phambilini i-IOL ike yabika ukuthi uMasilela uboshwe ngesonto eledlule ngemuva kwezinsolo zokuthi uvulele ngenhlamvu ngesikhathi kunengxabano ehlobene nokushona kwentombazane.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLieutenant Colonel Jabu Ndubane uthe indaba yaqala ngoLwesine, lapho ubaba wasendaweni yasePienaar exoxisana nendodakazi yakhe eneminyaka engu-16 ubudala ngemuva kokubona ukuthi ibibonakala icindezelekile futhi ihlale ikhala.

Kuthiwa le ntombazane imtshele ukuthi kunomfana esikoleni oyihlukumezayo.

UNdubane uthe ubaba wahamba nendodakazi yakhe beya lapho kuhlala khona umfana eyokhomba umsolwa, kodwa umfana wayengekho ekhaya. Ngokuhamba kwesikhathi washiya indodakazi yakhe. Wabuya ekhaya ngokuhamba kwesikhathi wathola indodakazi yakhe izibulele. Wanqamula intambo eyayizilengise ngayo wayiphuthumisa emtholampilo oseduze nalapho kwatholakala ukuthi ishonile.

Kwathi ngabo-7.30 ebusuku ubaba esekhaya wezwa umsindo egumbini lokuphumula. Wathi uma eyophenya wafica izihlobo zomkakhe ongasekho zingaphakathi endlini zithetha, zikhala ngokuthi akabazisanga ngokufa kwendodakazi.

"Kuqubuke ingxabano, ikhansela laku-Ward 29 - elisondelene nomndeni kanina wentombazane - kusolwa ukuthi lalizama ukulamula lakhipha isibhamu. “Ikhansela kuthiwa lidubule lalimaza ubaba kamufi kanjalo nomakhelwane obezama ukunqanda impi,” kusho uNdubane.

Zombili izisulu ziphuthunyiswe esibhedlela.