Izindaba

Basola umphenyi ngokucindezela umsolwa

Zimbili Vilakazi|Published

Isililo ngempatho koboshiwe

Image: Sigciniwe

UMNDENI wendoda eboshelwe icala lokubulala, usola umphenyi wecala ngokuyicindezela ngoba ehlulekile wukuthi igwetshwe kwamanye amacala achithwe yizinkantolo ngenxa yokuba ntekenteke kobufakazi. 

Ngokusho kwesihlobo esicele ukungadalulwa, uMnuz Phelo Mazingolo (36) waseClydesdale,  eMzimkhulu, oke waba unogada wesinye sezikhulu kuMasipala waseMzimkhulu, uboshwe ngo-Agasti nonyaka, kulandena isigameko sokudubulana lapho okwagcina kufa khona umuntu oyedwa.

Silandisa ngaleso sigameko sithe umsolwa, owayeseyi-bouncer endaweni yokucima ukoma, wanqanda ikhasimende ukuthi lingene nesibhamu ngaphakathi.

“Emva kokuthi ikhasimende selishiye isibhamu, kwatheleka amaphoyisa aseKokstad ezohlola ukuthi imithetho igcinwa ngendlela efanele yini, azithela phezu kwesibhamu,” kusho isihlobo.

Sithe emva kokuba ewachazele ukuthi isibhamu esekhasimende, usigcine ngoba kungavumelekile ukuthi kungenwe nezikhali ngaphakathi, asithatha amaphoyisa.

“Amtshela ukuthi akotshela umnikazi waso ukuthi uma esifuna akosilanda esiteshini samaphoyisa eMzimkhulu. Nebala umsolwa waya emaphoyiseni nomnikazi wesibhamu emva kwesikhathi ngosuku olufanayo,” kusho isihlobo.

Sithe kwathi uma umnikazi efunwa ilayisensi yaso, wangundaza kodwa amaphoyisa agcina eyalela umsolwa ukuthi akabuyele emuva, amshiye ngemumva umnikazi wesibhamu.

“Emva kwesikhathi emshiyile, wambona esetheleka nabangani bakhe, baxakazisa umsolwa, bembuza ukuthi ubezama ukwenzani embophisa? Base beqala bedubula bebhekise kuye,” sisho kanje.

Sithe umsolwa owavele wabaleka, zazimgeja izinhlamvu. Sithe kwathi engazelele, oyedwa wabahlaseli wayesephambi kwakhe edubula ebhekise ngakuye, naye wabuyisela ngenhlamvu, kanti uzomnemba, ashonele endaweni yesigameko.

“Wabiza amaphoyisa, wawatshela osekwenzekile. Kwathi uma efika, leli elingumphenyi, labonakala lixoxa nababedubula umsolwa, maqede kwaboshwa yena,” kusho isihlobo.

Sithe laba besilisa ababalelwa kwabane kuya kwabayisihlanu ababoshwanga, kanti babempiklele umsolwa ngesikhathi kubuywa ukolanda isibhamu bathi: “amaphoyisa aseMzimkhulu ngabangani babo.”

Sithe egcina ukuvela enkanotolo ngenyanga edlule umsolwa uveze ukuthi njengoba sekuphele izinyanga ezimbili eboshiwe umphenyi akakaze amgingqise izithupha nokwenza ukuboshwa kwakhe kungabi okusemthethweni.

“Imantshi yathi lokhu akufanele futhi ukube yiyo eboshiwe nayo ibisizonqaba ukugingqiswa izithupha ngoba isikhathi sesidlule kakhulu,” kusho isihlobo.

Sithe okwavela wukuthi ngesikhathi esanda kuboshwa, kwakuphele u-ink esiteshini, wagcina engagingqanga.

Siveze ukuthi umsolwa ugcine ala ephetha ukugingqiswa ngelithi akamthembi umphenyi anomlando omubi naye.

“Njengoba eboshwe ngo-Agasti, kukhona amanye amacala amabili agcina ehoxiswa enkantolo kuvela ukuthi umphenyi ofanayo akanabo ubufakazi obuphathekayo,” kusho isihlobo.

Sithe elokuqala, lalimayelana nokufa kowesifazane ayesehlukene naye owashona engozini yemoto ebuya kuye ngo-2023.

“Owesifazane wafika kumsolwa ebusuku, waxosha owesifazane ayenaye bahlala. Owesifazane wayelokhu ephuza utshwala. Kwathi esehamba, wehlelwa yingozi yemoto, washona. Kwaboshwa uMazingolo kuthiwa nguye ombulele ngoba nguye owagcina enaye,” kusho isihlobo.

Sithe leli cala lagcina lihoxiswa emuva kwezinyanga eziyithupha eboshiwe, kuvela ukuthi amanxeba ayebukeka sengathi awokugwazwa, kwakungawokuhlatshwa amabhodlela amawindi emoto. 

Siqhube sathi kwenzeka lokhu nje, kwakukhona umdonsiswano phakathi kwakhe nomufi, bebanga imoto ayemdayisele yona kodwa engasafuni ukumnika amaphepha ayo yize ayeseqedile ukuyikhokhela. 

“Umufi wadayisela uMazingolo imoto, wakhokha idiphozithi, wase emnika yona. Wayelokhu ekhokha imali eyayisele njalo ngenyanga yaze yaphela. Isiphelile, owesifazane wangabe esafuna ukumnika i-logbook,” kusho isihlobo.

Sithe kwenzeka ingozi nje babekade bebuya enkantolo lapho okwanqunywa khona ukuthi akamnike i-logbook, uma ehluleka ambuyisele imali yakhe.

“Eseboshiwe, umyeni wowesifazane (umufi), ephethe i-logbook, waziyela enkantolo ngokwakhe ethi akulandwe imoto ngoba ibikuMazingolo ngokungemthetho, inkantolo yavuma ukuthi ayithathe,” kusho isihlobo.

Sithe leyo moto yagcina ithathwa amaphoyisa kumyeni kamufi, sekuvela ukuthi naye uyithathe ngokungemthetho njengoba enye inkantolo yase inqume ukuthi uMazingolo okufanele anikwe i-logbook.

Sithe ngesikhathi ededelwa, kuthiwa icala lokufa kowesifazane akulona elokubulala, waphuma wayofuna imoto yakhe emaphoyiseni.

“Wayifica isesimeni esibi, kubonakala ukuthi kade isebenza. Kwathi uma ebuza ukuthi kungani imoto yakhe inje, umphenyi ofanayo wamthumelela ngamaphoyisa avele ambopha ethi ubewasabisa ngommese. Nalo leli cala lafike lamchitha, inkantolo yathi akalethe ummese umsolwa ayesabisa ngawo amaphoyisa maqede wathi akawutholi, walahleka,” kusho isihlobo.

Sithe yiwo wonke lo mlando owenza umsolwa nabo bakholelwe ekutheni umphenyi kufanele ashintshwe ngoba yena nomsolwa baneziwombe zokushayisana.

Uveze ukuthi kukhona lapho umphenyi ake wamtshela khona kwezikabhoqo ukuthi uma engafuni ukubambisana naye, agingqe izithupha, uzokwenza impilo yakhe ibe nzima ngokuthi alokhu ethi usaqoqa ubufakazi, ukuze lihlehliswe icala.

Uthe basola ukuthi udinwa wukuthi amacala aphambilini abemhlula enkantolo ngoba ubufakazi bungekho bese eyadedelwa umsolwa.