Obulewe UMUFI uThabiso Dlamini odutshulwe wabulawa ephucwa umakhalekhukhwini wakhe Mlaza
Image: SITHUNYELWE
UKHUNGATHEKILE umndeni wakwa-C,eMlaza ngemuva kokuba kudutshulwe kwabulawa umfana ngabantu abangaziwa ebebemphanga umakhalekhukhwini. Kuvela ukuthi umufi uThabiso Dlamini (15) udutshulwe ngowesilisa owehle emotweni emhlophe wamyalela ukuba amnikeze umakhalekhukhwini."
Kuthe uma enqaba nawo owesilisa wavele wamdubula kanye ngenhlamvu esiswini yaze yaphumela emhlane. Ubulawe ngesihluku ngenxa nje kamakhalekhukhwini," kuchaza ilungu lomndeni uNksz Ayanda Dlamini.
Uveze ukuthi umufi ubephuma endlini eya esitolo ngesikhathi kuthushuka le moto.
Ngokusho kwakhe bathole ukuthi bakhona nabanye ebebengaphakathi emotweni ngesikhathi omunye ehilizisana nomufi. "Okubuhlungu kakhulu wukuthi udutshulwe phambi komngani wakhe ebuka. Angazi ngempela ukuthi yishwa lani leli elisivelele," kuchaza yena. Uthe kuyabaxaka ukuthi sekungaze kuphume isidumbu ngenxa kamakhalekhukhwini."
UThabiso unqabile ngesikhathi kuthiwa akawulethe umakhalekhukhwini. Kusho ukuthi kumcasulile lokho umsolwa wamane wamdubula washonela esibhedlela," kuchaza yena. Eqhuba uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokubulawa kukaThabiso.
Ukhale ngokuthi lokhu sekuthanda ukuba wumkhokha njengoba lo mndeni kade ugqigqa ezinkantolo ngemuva kokuba kwadutshulwa kwabulawa uMnuz Smanga "Katsande" Khumalo (21) owayehlobene nomndeni owayehamba ngesihlalo esinamasondo. Naye wadutshulwa ephangwa umakhalekhukhwini.
Kuzokhumbuleka ukuthi icala likaKatsande laba yindaba egudwini ngemuva kokuba kwavela ukuthi libandakanya owesilisa owayekhiphe umyalelo wokubulawa kwakhe esejele. Kungumlando manje ukuthi ababulala uKhumalo bakhalelwa ngamasongo kaSigonyela balahlwa yicala bagwetshwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uColonel Robert Netshiunda ukuqinisekisile ukubulawa kukaThabiso. "Amaphoyisa aseMlaza aphenya icala lokubulala ngemuva kokudutshulwa komfana oneminyaka engu-15," usho kanjena.