Izindaba

Injabulo kunqotshwa 'inkabi yaseMbumbulu' ebidubula amaphoyisa nge-AK47

Nkosikhona Cele|Published

Usale enkundleni obedubulana namaphoyisa

Image: SAPS

AMALUNGU omphakathi waseMbumbulu athi ncinci kaMjoli ngokubulawa kowesilisa obesolwa ngokuba yinkabi abakholwa ukuthi nguye obeqotha imbokodo nesisekelo, ebulala abantu kule ndawo.

Kuvela ukuthi umufi, uMnuz Qha Dlamini (31), udutshulwe wafa ezintathakusa zayizolo kade etholene phezulu namaphoyisa eFolweni.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, ukuqinisekisile ukubulawa kukaDlamini.

Uthe uDlamini ufe etholene phezulu namaphoyisa eFolweni, wathi amaphoyisa abekade emfuna phansi phezulu ngoxhaxha lwamacala okubulala ezindaweni ezihlukene.

"Amaphoyisa abekade emcinga aze athola umkhondo owaholele eFolweni. Ngesikhathi ebona amaphoyisa efika, uvele waqala wawadubula," usho kanjena.

UNetshiunda uthe lo wesilisa uze waphuma ngewindi waqhubeka nokudubula ebhekise emaphoyiseni.

"Amaphoyisa nawo awalenzanga iphutha, avele adubula wase eshona endaweni yesigameko," usho kanjena.

Uthe uDlamini utholakale ne-AK 47 nezibhamu ezimbili ezincane. Uthe amaphoyisa awabanga namyocu kulokhu kudubulana yize umufi ebewadubula ngesibhamu esikhulu.

UNdunankulu wesizwe sakwaMakhanya, uMnuz Mbongeni Makhanya, uthe umphakathi ulimise ngesihloko elokuthi liphume nobovu ngokuthi lugobe uphondo kuDlamini obewuhlalise ngesinqe esisodwa umphakathi waseDidini.

Uveze ukuthi uDlamini ubewuhlupho kakhulu oDidini, lapho okukhona abakwaHlengwa, Maphumulo nabakwaMkhize.

Amalungu omphakathi akhulume neSolezwe, ajabulise okwezingane ezincane zibona amaswidi ngokubulawa kukaDlamini.

Acele ukuba agodlwe amagama abo. 

"Lo muntu ubaqedile abantu lapha eMbumbulu. Kuzoke kushaye umoya njengoba esebulewe," kusho omunye wabahlali.

Omunye uthe bebehleli lubhojozi ngenxa kamufi.

“Baphelile abantu uDlamini. Kwesinye isikhathi ubebatshela abomndeni ukuthi uyena obulele," echaza.

Laba bebekhuluma neSolezwe kunomsindo kujatshulwa. Esikhathini esifishane balinganiselwa ku-28 abantu ababulewe ngokudutshulwa eMbumbulu.

Ngaphambilini, kwake kwasabalala ukuthi umnyombo wokubulawa kwabantu kule ndawo kungenxa yengwadla yokwebiwa kwemfuyo.

Nokho umphakathi wabuye washaya ingqimphothwe kulokhu njengoba kwase kubulawa nabantu abangenayo imfuyo. Abaningi bekungacaci ukuthi babulawa ngoba bedleni kabani.

Phakathi kwabantu asebebulewe kufaka ukubalwa kwenduna yaseMbumbulu, uMnuz Sphiwe Msweli, eyadutshulwa ivala esitolo sayo ngonyaka odlule.

Ngemuva kwezinyanga ezimbalwa, nendodana yayo, uMnuz Mhlengi Msweli, bayithela othulini, wasala uthuthumela umphakathi.

Kukaningi kugobhoza igazi kule ndawo. Kuke kwabulawa noMnuz Skhumbuzo Ndlovu owahlaselwa ekwakhe, obulawe maphakathi nalo nyaka. UNdlovu wabulawa kungakapholi maseko kade kudutshulwe kwafa uMnuz Mduduzi Ngcongo.

UNgcongo wadutshulwa eFolweni, esemotweni yakhe. Kwabulawa noMnuz Mzwandile Nxumalo owahlaselwa esemzini wakhe edutshulwa ngoyaba lwezinhlamvu waphelela endaweni yesigameko.

Kwasocongwa nabesilisa abahlanu esigamekweni esashiya umphakathi wakule ndawo uthuthumela futhi unenqwaba yemibuzo.

Kwasabalala nendaba yemoto iToyota Etios ebomvu, okwakuthiwa uma kuke kwabonakala yona izulazula ebusuku, nakanjani kusa nesidumbu. Kwake kwavela nokuthi kunabesifazane akade belala emahlathini ngenxa yokwesabela ukwenzakaliswa.

Isolezwe lake lathunyelelwa inkulumo eyayiphakathi kwendodana yenyanga eyayihanjwa uDlamini, igonyuluka ngokuthi uyise akasathandi ukuqinisa uDlamini kodwa lokhu usekwenza ngoba ephoqiwe (uyise).

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli ephawula ngesimo saseMbumbulu, wathi ubengazi lutho ngaso kodwa kukhona izaba azozenza uma esethole kahle ngokuqhubeka kule ndawo. UNtuli wayebuzwa ngalokhu kunembizo yokulwa nobugebengu eGlebelands, eMlaza, ezinyangeni ezibalwa ezedlule.