Izindaba

Kumnyama sikhona isikhwama seSilo neNdlunkulu kaZulu

Thami Magubane|Published

INKOSI yesiZwe samaZulu iSilo uMisuZulu KaZwelithini Zulu

Image: SIGCINIWE

BANQUNYELWE ugwayi katiki abesikhwama esibhekele iNdlunkulu kaZulu neSilo njengoba besolwe ngokuhluleka wukuzimela ngokwemali, batshelwa ukuba bashintshe ukwenza okanye sivalwe.

Amalungu eKomiti lezeziMali esiShayamthetho azwakalise ukunengeka nokungagculiseki ngalolu hlaka ngenkathi lwethula umbiko wokusebenza kwalo muva nje. 

Abesikhwama batshele ikomiti ngomsebenzi asebewenzile ukuze iNdlunkulu kaZulu ikwazi ukuzimela base bethi kudingeka uxhaso luka-R10 million ukuze kufezwe lokho. 

Lesi sikhwama sisungulwe ngo-2018, kwathiwa ngaso kumele iNdlunkulu kaZulu ikwazi ukuzimela ngokwemali.

Kodwa-ke kubukeka sengathi lolu hlaka lwahluleka wukusungula izinhlelo ezizongenisa inkece.

Muva nje abesikhwama baqhamuke nombono wokuqala izakhiwo zokuhlalisa izitshudeni nokho okubonakale njengento ezothatha isikhathi ngaphambi kokungenisa imali ebonakalayo.

Ngaphezu kwalokho kunkankanywe nohlelo lokukhiqizwa kwenyama yenkomo ukuzama ukugaya imali.

Abesikhwama bagcizelele ukuthi uhlelo lwenyama yenkomo bayathemba ukuthi luzophumelela nakanjani.

UMphathiswa wezeziMali, uMnuz Francois Rodgers, usanda kuhlangana neSilo uMisuzulu kaZwelithini ngaleli bhizinisi.

Isikhulu esiphezulu seRoyal Household Trust, uMnuz Sipho Buthelezi, sithe: “Kunohlelo olufuze lolu lwenyama yenkomo oluqhubeka ngempumelelo e-Eastern Cape, sizovakashela khona ukuze sithole ithuba lokufunda. Ngingasho ukuthi lona wumsebenzi sonke esifuna ukuwubona uphumelela ngemuva kokuthi sizame okuningi okungazange kulunge.”

UButhelezi ugcizelele ukuthi kulo nyakamali badinga ukwesekwa wuhulumeni ukuze bakwazi ukwenza okudingekayo.

“Besilokhu sithi kufanele kubuyekezwe isabelomali ukuze kubhekwe izinguquko, kwangenzeka lokho, yingakho njalo ngonyaka, sicela ukuthi kubuyekezwe isabelomali, kungenjalo sizophoqeleka ukuthi simise okunye ukwesekwa kweNdlunkulu neSilo esikunikezayo,” usho kanje.

Isikhulu semali eHhovisi likaNdunankulu, uMnuz Sthembiso Ntombela, sithe isikhwama seNdlunkulu kaZulu sidonsa kanzima ngenxa yokwanda kwabahlomulayo kuso ngokunjalo nezindleko zezomthetho.

Ilungu lekomiti, uNksz Celiwe Madlopha lishaye amakhala ngokusebenza kwesikhwama.

UNksz Madlopha uthe ukube isikhwama besiwenza umsebenzi waso wokungenisa imali ngabe asikho isidingo sokufuna ukutakulwa ngo-R10 million.

"Angicabangi ukuthi ukungeniswa kwemali kuyenzeka, (uma kungenjalo) beningeke nize lapha nizocela enye imali. Ukufakwa kwemali yikhona kuphela okwasungulelwa lolu hlaka njengoba uhulumeni engakwazi ukungenisa imali."

Ubuze ukuthi ngabe isikhwama siyoke sikwazi ukwenza umsebenzi esisungulelwe wona.

“Ngokwami uhlelo lokungenisa imali alusebenzi futhi kalusoze, ngakho asikho isidingo salolu hlaka. Ngibona kanjalo yize kuzwakala sengathi ngiqinisa amazwi,” kusho uNksz Madlopha.

“Lolo phiko lwaluseHhovisi likaNdunankulu phambilini, kwathiwa ukuze luvumeleke ukuqoqa imali, kumele lube yisikhwama, kodwa manje akunazithelo. 

“Angiboni nqubekela phambili, yonke into iqala bese iphelela endleleni. Kuqalwa izinhlelo bese kuba nenkinga, ziyekwe. Emahlandleni ohulumeni abehlukene angikaze ngibone lutho oluphathekayo. Ngabe singakwazi ukuma sithi kunekusasa eliqhakazile mayelana nokungenisa imali?” kubuza uNksz Madlopha.

Elinye ilungu lekomiti, uMnuz Lourens De Klerk, lithe inhlosongqangi yesikhwama wukungenisa inkece, hhayi ukukhangeza.

“Sekunesikhathi sicela izinhlelo, silokhu sithola izimpendulo ezingacacile kokunye ezifikisela amahloni - akukho lutho olubonisa uhlelo noma isikhathi esimisiwe sokulindela impumelelo. Kuphela sithenjiswa ukuthi kukhona okuzokwenzeka. Konke lokhu kulahlisa ngethemba. Ukucela kwenu u-R10 million kuyizinkomba zokuthi niyehluleka,” kusho uDe Klerk.

Kubuye uButhelezi wagcizelela ukuthi ikhona inhlansi yethemba ngoba bazokwesekwa nguMnyango wezoLimo.

Uthe banethemba lokuthi bazoqala maduze nje ngohlelo lwezolimo kodwa waveza ukuthi isikhwama sishoda ngo-R16 million ukuze siqale lolu hlelo. 

"Ipulazi lidinga imali engu-R20 million, manje sinemali elinganiselwa ku-R3.6 million, siphezu kwezinhlelo zokuqoqa imali."