Izindaba

Izindaba ezimbi ngentengo kaphethroli ngoDisemba

INTATHELI YESOLEZWE|Published

KUZOZWELA futhi kubashayeli bezimoto njengoba kuzokwnyuka intengo kaphethiloli ngenyanga ezayo

Image: SIGCINIWE

ABASHAYELI bezimoto kumele babeke isabelomali esengeziwe ukubhekela izindlela abazozithatha ngesikhathi samaholidi njengoba kuzokhuphuka uphethroli nodizili ngenyanga ezayo.

Nakuba u-2025 bekuwunyaka omuhle ngokwentengo kaphethroli, kubukeka uzophea ngokuphoxa abathengi.

Imininingwane yakamuva evela kwiCentral Energy Fund (CEF) ikhomba ukuthi uphethroli ungase wenyuke ngo-30c bese kuthi udizili ukhuphuke ube phakathi kuka-70c no-85c.

NgokweCEP uphethroli oyi-Unleaded 95 ungase ukhuphuke ngo-23c kepha izibalo zikhomba ukuthi uhlobo lwe-93 lungase lukhuphuke ngo-47c ngasekupheleni kwenyanga.

Uma i-95 Unleaded igcine ikhuphuka ngo-30c ezindaweni ezisogwini kusho ukuthi ilitha lingabiza u-R20.59 kuthi ezindaweni eziqhelelene nogu njengaseGauteng libize u-R21.42, bese kuthi i-93 Unleaded ibize u-21.27.

Ngakolunye uhlangothi, uphethroli usazobiza kancane kunasekuqaleni kuka-2025, lapho u-95 ULP ububiza u-R20.80 ogwini.

Izinkomba zithi udizili uzonyuka ufinyelele ku-19.28 ilitha. NgoJanuwari ilitha likadizili belibiza u-18.68 lase likhuphukela ku-R19.69 ngoFebhuwari.

Ukwenyuka kwentengo kaphethroli okucatshangwayo ngoDisemba kudalwe wukunyuka kwezindleko zokwenza imikhiqizo emhlabeni jikelele. Yize kunalesi simo ukusimama kwerandi kuyalekelela ekutheni umthwalo ungasindi kakhulu kuleli.

Amanani entengo kadizili abhekane nengcindezi ngasekupheleni konyaka njengoba isimo sezulu esibandayo esisenyakatho nenkabazwe sinyusa isidingo sokusetshenziswa kukawoyela ongahluziwe.