Izindaba

Injabulo liphaphama iwele elalimala kabi eHomii

Nkosikhona Cele|Published

U-APHELELE Dlamini nodadewabo u-Aphile, bephahle uyise, uMnuz Khaya Dlamini

Image: SIGCINIWE

SELIPHAPHEME iwele, u-Aphile Dlamini (8), elalimala kabi ebhilidini kwi-lift eHomii kanye newele lalo, u-Aphelele lona elagcina lidlula emhlabeni.

Bese kuphele isikhathi esingangenyanga leli wele likwikhoma ngemuva kwesigameko esashiya umphakathi uthuthumela, kwagcina kunemashi enkulu mayelana nalesi sehlo enkabeni yeTheku.

Lawa mawele ayekade ehlelwe umshophi ngo-Okthoba 18, atholwa nguyise uMnuz Khaya Dlamini elimele kabi emva kokukhalakathela emgodini we-lift eyayingasebenzi.

UDlamini ubonge bonke abeseke umndeni ngesikhathi ubhekene nesikhathi esinzima.

“Nginiphathele izindaba ezimnandi zokuthi seliphapheme iwele ebelikade likwikhoma esibhedlela. Lokhu kusijabulisile kakhulu," usho kanjena.

Kusukela kuleso sigameko, uDlamini ubhekene neziqu zamehlo nabaphathi beHomii efuna ubulungiswa ngokulimala kwezingane zakhe.

“Angisakhali manje kodwa kunalokho ngibonga uNkulunkulu ngokusinda kwengane eyodwa," esho.

Uthe uyambonga kakhulu uNkulunkulu ngesipho sewele elingasekho emhlabeni. Uthe ujabule ukuthi uke waphila nalo.

“Angeke ngize ngikuphikise ukuhlela kukaNkulunkulu. Ukuphaphama kwaleli elinye iwele kuveza ngokusobala amandla uNkulunkulu anawo. Ngiyambonga kakhulu ngangenzele khona," echaza.

Umphakathi wagcwala umgwaqo ngaphandle kwebhilidi laseHomii elikuPixley kaSeme, eThekwini, efuna izimpendulo ngesigameko.

Ngelanga lemashi kwavela nomunye wesifazane owadalula ukuthi naye ingane yakhe yalimala yashona khona eHomii.

"Nami njengoba ngimi lapha ngizonitshela ukuthi nowami umntwana washona khona lapha. Ngathola ucingo ngisemakhaya, kwathiwa mangiphuthume eThekwini, kumayelana nomntwana wami. Ngathi uma ngifika ngatshelwa ukuthi ushonile," washo kanjena.

Lo wesifazane wathi namanje usafuna ukuthola ukuthi kwenzekani ngengane yakhe. 

Waveza ukuthi okwenzeka kwamlimaza kakhulu ngoba umntwana wakhe wayefunda enyuvesi esebona ukuthi kuntwela ezansi ngokuthi aqede ebese ethola umsebenzi.

"Amathemba ami onke ashabalala nje kanjalo. Okubi nje ukuthi akekho noyedwa owaseHomii owaxhumana nathi, kunalokho kwaphela kanjalo nje. Kodwa namanje ngizimisele ngokuthi ngilwe kuze kuba sekugcineni," echaza.

Namanje amaphoyisa athi asaphenya ngokwenzeka ngesikhathi kulimala amawele.

“Amaphoyisa asaluphenya udaba ngokwenzeka ngalolu daba," kuchaza okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda.

AbaseHomii bakhipha isitatimende bexolisa emndenini kaDlamini benza nesibophezelo sokuthi bazosebenzisana nalo mndeni ngakho konke ozobe ukudinga.

Kukhona abathile abase besabisa ngokuthi bazoyingqongqisa iHomii uma abaphathi bayo bengacacisi ngokuthi umndeni wabagilekile uzosizakala kanjani. Lezi zinsongo zagxekwa kakhulu, kwathiwa ziphambene nomthetho.