Izindaba

UTrump uphuze itiye ngeNingizimu Afrika

INTATHELI YESOLEZWE|Published

Umengameli waseMelika uDonald Trump uyaqhubeka nokugxibha iNingizimu Afrika

Image: Sigciniwe

UMengameli wase-United States, uDonald Trump, uphinde wakhwela wadilika kwiNingizimu Afrika, wathi iyizwe "eliziphethe kabi kakhulu" futhi eyisola ngokulandela "inqubomgomo yokubulawa kwabantu."

Ekhuluma noNdunankulu waseSaudi Arabia uMohammed bin Salman ovakashele e-United States, uTrump uthe ngeke ayihambele ingqungquthela yeG20 ehlelelwe ukuba seGoli ngale mpelasonto.

"Angiyi eNingizimu Afrika kwiG20 ngoba ngicabanga ukuthi imigomo yabo yokubulawa kwabantu ayamukelekile. Ngakho-ke angizolubhada khona. INingizimu Afrika iziphethe kabi kakhulu," kusho uTrump.