Izindaba

URamaphosa uyihleke ihlaya eyokuthi uhlela ukusula esikhundleni

Sabelo Nsele|Published

UMENGAMELI uCyril Ramaphosa

Image: Itumeleng English / Independent Newspapers

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa, uyihleke usulu eyamahlebezi okuthi uhlela ukusula esikhundleni.

URamaphosa uthe akazi ukuthi aqhamukaphi amahlebezi okuthi ufuna ukushiya isikhundla.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nezintatheli, ePhalamende. Muva nje kuke kwaba namahlebezi okuthi uRamaphosa uhlela ukuwulahla phansi umthwalo.

La mahlebezi aqine kakhulu ngesikhathi uRamaphosa ebize umhlangano wabaholi bamaqembu abusa ngokubambisana emasontweni amabili edlule.

Abazishwashwathayo bebethi uRamaphosa uhlela ukuyotshela abaholi bamaqembu abusa ngokubambisana ukuthi uyashiya esikhundleni.

Amahlebezi athi uRamaphosa uhlela ukusula emva komhlangano wabaholi bamazwe angaphansi kweG20.

Ebuzwa yizintatheli ngala mahlebezi, uRamaphosa uthe akekho ezinhlelweni zokusula.

"Ngabe wena uhlela ukusula emsebenzini wakho? Nami angikho ezinhlelweni zokwesula kowami."

Bekungekhona okokuqala kuvela amahlebezi okuthi uRamaphosa uhlela ukusula esikhundleni.

La mahlebezi ake aba khona ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi akazange awabikele amaphoyisa ngokuntshontshwa kwezishaqane zamadola aseMelika epulazini lakhe, iPhala Phala.