SIKHULU isililo ngokukhulelwa kwezingane ezineminyaka engaphansi kuka-16
Image: SIGCINIWE
KUGXEKWE abasebenza ngezingane kuleli okungothisha, abahlengikazi, osonhlalakahle nodokoteka, okubekwe ijoka emahlombe abo ukuthi babikele abezomthetho ukuze kuvulwe amacala uma bethola ukuthi kunezingane ezingaphansi kuka-16, ezikhulelwe.
Lezi zingane zithathwa njengezidlwenguliwe ikakhulu uma zikhuleliswe ngumuntu omdala kunazo. Nabazali abangabiki uma kukhulelwe izingane ezingaphansi kwale minyaka, abasalanga ngaphandle njengoba abanye kuvele ukuthi abafuni ukubika ngoba basuke befuna ukukhokhelwa.
Lokhu kugqame izolo ngesikhathi ikomiti loMnyango wezabesiFazane, iNtsha nabaPhila nokuKhubazeka ePhalamende, lihlangane nezinhlangano ezehlukene ezibhekele izingane kuleli. Bekubhungwa ngendaba yokudlanga kwesihlava sokudlwengulwa kwezingane ezingaphansi kuka-16, nokuthi ingaqiniswa kanjani imigomo ekhona ukuze kuvalelwe abalala nalezi zingane.
Lesi sihlava kuthiwa sandile kuleli njengoba nezibalo zeStats SA ziveza nokuthi kukhulelwa inqwaba yezingane ezinye ezineminyaka engu-10.
Izinhlangano ezethule umbiko ePhalamende okubalwa i-Commission for Gender Equality (CGE), South African Human Rights Commission (SAHRC), Lifeline PMB, zisho ngazwi linye ukuthi abasebenzi bakahulumeni abasebenza ngezingane, yibona okumele bagxekwe ngokungabikwa kwalezi zehlakalo.
Othisha okuyibona abahlala nezingane nsuku zonke, kuthiwa kumele ngabe bayabika uma kunengane engaphansi kuka-16, ekhulelwe esikoleni. Abahlengikazi kuthiwa kumele babike uma sekufika izingane ezincane zizobeletha noma zifuna ukukhipha izisu.
USihlalo wekomiti, uNksz Liezl van der Merwe, uthe bazohlanganisa umbiko wesikhashana bese bewuthula ePhalamende ingakapheli le nyanga ngenkinga abayibiza ngokudlwengulwa kwezingane ezingaphansi kuka-16 kuleli.
Uthe umbiko abawuthole emphakathini abebenezigcawu nawo eGauteng nase-Eastern Cape, uveze ukuthi kumele kuqiniswe ukubikwa kwamacala afuze lawa uma kukhulelwa izingane.
"Abanye abakwazi ukubika ngoba besaba imindeni yezisulu kuthiwa bazifaka ezindabeni ezingabafuni. Ezinye izingane ziziphathele amakhaya abekho abadala kanti ezinye zisuke zondliwa abasolwa ngakho ngeke zisayithola imali uma beboshwa."
Uthe bafuna kuliwe nalesi sihlava ngoba silimaza izingane ezincane ezigcina zingasasiqedi nesikole.
UNksz Naledi Selebano weCGE, uthe abanye abazali abafuni ukuvula amacala okudlwengulwa kwezingane ngoba basuke bezozuza emalini.
"Kweminye imizi kuyichilo nje ukukhuluma ngezindaba ezithinta ucansi, akuthiwa vu ngalo. Abanye abafundi ababe besabuyela esikoleni beyoqhubeka nezifundo zabo uma sebeke bashiya ngoba beyobeletha," usho kanje.
Uthe akumele kugxilwe ezinganeni zamantombazane kushiywe ngaphandle ezabafana.
UKhomishana weSAHRC uNomahlubi Khwinana, uthe zonke izingane kumele zivikeleke zingadlwengulwa yingakho kumele kubikwe uma kunezingaphansi kuka-16, ezikhulelwe.
Ukhale ngabasebenzi bakahulumeni athe ababiki ekubeni kumele kulandelwe umthetho.
ILifeline iveze ukuthi kunomkhuba omusha owenziwa yizingane zabafana ezineminyaka engu-14, ezibuka izinto eziveza ucansi, bese zifuna ukuyokwenza lokhu ebezikubuka ezinganeni ezineminyaka engu-9, ukuze zingakhulelwa.
Amalungu ePhalamende athe kumele kufane nomuntu ofika esibhedlela ezolashelwa inxeba lokudutshulwa, ongadedelwa engafikanga amaphoyisa ezophenya ukuthi akathinteki yini ebugebengwini eze edubuleka nje.
Related Topics: