Izindaba

Iyawaphika amacala indodakazi kaZuma

Simon Majadibodu|Published

UNKK Duduzile Zuma-Sambudla ephelezelwa uMnuz Nhlamulo Ndhlela bengena eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo

Image: DOCTOR NGCOBO/ INDEPENDENT MEDIA

IYAWAPHIKA amacala ebekwe wona indodakazi yowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla (43).

Lokhu kwenzeke kuqala ukuqulwa kwecala eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo.

UNkk Zuma-Sambudla ubekwe wuMbuso amacala okubhebhethekisa udlame ngesikhathi somtapo ngo-2021. Izibhelu okukhulunywa ngazo zagcina zidlula nemiphefumulo yabantu abangu-345. Ulinganiselwa ku-R50 billion umonakalo owadaleka.

UNkk Zuma-Sambudla wayelokhu efaka ekhasini lakhe le-X, izigameko ezazenzeka ngaleso sikhathi ezazihambisana nombhalo owawuthi: ''siyanibona'' bese esho igama lendawo okwenzeka kuyo leso sehlakalo.

Ngesikhathi kunesigcawu seKhomishini yamaLungelo Abantu, iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) esasiphenya ngezibhelu, omunye owayethula ubufakazi wakhala ngokuthi uNkk Zuma-Sambudla wayekhombisa ukuthi uyakujabulela okwakwenzeka.

AMALUNGU eMK ajabulele owayeyimeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede naye obezovela enkantolo.izolo

Image: DOCTOR NGCOBO/ INDEPENDENT NEWSPAPERS

UMnuz, Jean Roux weForensic Research Lab, wathi imibhalo kaNkk Zuma-Sambudla yayikhombisa ukuthi ukushayela ihlombe ayekubona kwenzeka.

Izigameko zokutapa ezitolo zenzeka kakhulu KwaZulu-Natal naseGauteng ngemuva kokuba uyise ekhalelwe ngamasongo kaSigonyela. Ukuqulwa kwaleli cala kulindeleke ukuba kudonse amasonto amabili. Uyise ubekhona enkantolo ezomeseka.

UMshushisi kuleli cala, u-Advocate Yuri Gangai, uthe leli akusilona icala elijwayelekile kodwa ngelithinta amandla okushiwo ngumuntu.

Uthe njengoMbuso bazimisele ngokuveza ngokusobala ukuthi umsolwa wasebenzisa izinkundla zokuxhumana ngenhloso yokukhuthaza udlame ezweni. Uthe bazoveza nokuthi kungani umsolwa akhetha ukuthi asebenzise isikhathi sokuboshwa kukayise ukwenza lokhu.

UMbuso uveze ukuthi alinganiselwa ku-164 amaqoqo enkundla iWhatsApp avulwa ngenhloso yokugqugquzela udlame ngesikhathi somtapo.

Uqhuba uMbuso uthe ungakuveza nokuthi lawo maqoqo asungulwa nini futhi kanjani. Nebala uMbuso uwavezile amanye amaqoqo ukuthi ayebizwa kanjani. Phakathi kwawo ubale iqoqo elalibizwa nge-EThekwini Shutdown elalinabantu abangu-316 elasungulwa ngoJulayi 8. Elinye iqoqo uMbuso uthe lalibizwa ngokuthi yi-INK Shutdown elalinabantu abangu-84 libunjwe ngabantu baseNanda, Ntuzuma naKwaMashu.

Lona lasungulwa ngoJulayi 7. Elinye iqoqo uMbuso okhulume ngalo lalibizwa ngeZuma Coordinators elalinabantu abangu-204 nelasungulwa ngoJulayi 8.

Elinye lalibizwa ngokuthi yiZuma Real Activist elalinabantu abangu-334 elasungulwa eGoli.

Kusenjalo, abeJacob Zuma Foundation baphumele obala basola inhlese yezepolitiki kuleli cala.

Le nhlangano ikholwa wukuthi leli cala lisetshenziselwa ukujezisa uZuma.

Okhulumela le nhlangano, uMnuz Mzwandile Manyi, ulimise ngesihloko elokuthi kusetshenziswa  icala ukuqhubeka nokuthi kushushiswe umndeni kaZuma.

"Sebekhethe ukuthi bangene ngenxeba besebenzisa indodakazi kaZuma, uDuduzile," usho kanjena.

Ngesikhathi engena enkantolo uNkk Zuma-Sambudla wamukelwe ngenkulu imfudumalo ngamalungu eqembu likayise uMkhonto weSizwe abemanga emxhawula.

Kubuye kwabonakala nabalandeli beMK bejabulela owayeyimeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede naye obezovela enkantolo.