Izindaba

Inkombankombane kwababanga ukubuyekeza incwadi yesehlukaniso

Simangaliso Ntshangase|Published

Inkombankombane yababanga eyesehlukaniso

Image: Sigciniwe

OMUNYE ukhomba omunye, bese kuthi omunye evikela iso lakhe kwabebeganene iminyaka engaphezu kuka-15, ngenxa yombango wokuthi kumele kubuyekezwe imibandela yencwadi yesehlukaniso sabo.

Labo ngoNksz Rejoice Xulu waseMbongolwane, eShowe, noMnuz Mandlakayise Zulu waKwaSeme, KwaNongoma. UZulu owayeyiphoyisa leSAPS eThekwini usola obengumkakhe ngokungafuni ukuthi kubuyekezwe eminye yemibandela yokwehlukanisa kwabo, amsola nangokuthi kwenzeka "ngomkhoshosho".

Engxoxweni neSolezwe, uZulu uthe yena noNksz Xulu bashada ngo-1999, base behlukanisa ngo-2015, isinqumo athi wayengazimisele ngaso - kepha usola ukuthi umkakhe waba nesandla ekutheni afinyelele kusona.

"Mina ngangingenahlelo lokwehlukanisa naye, kepha izinto eziningi zaqala ukushintsha emva kokuthi ngibe sengozini yemoto ngo-2001, eyenza ukuthi impilo yami ingabe isafana nasekuqaleni, njengoba kwaphoqeleka ukuthi ngigcine ngihamba ngesihlalo esinamasondo.

"Ngisola ukuthi ukuguquka kwempilo yami ngaleyo ndlela yikhona okwenza ukuthi angabe esangiphatha ngendlela efanele nayejwayele ukungiphatha ngayo, okuthe uma isimo sami siba sibi kakhulu ngabo-2015, ngezwa esethi ufuna ukuthi sihlukanise. Khona lapho futhi ngabona sekunencwadi yokwehlukanisa, esinemibandela ethile - esengibona manje ukuthi angihambisani nayo, nengingazi ukuthi ngayisayina kanjani ngaleso sikhathi ngoba ngangigula," usho kanje.

Eqhuba uthe okumphatha kabi kakhulu ngendlela abahlukanisa ngayo nomkakhe wukuthi imibandela yokwehlukanisa kwabo yashaya yena kakhulu ephaketheni, waze walahlekelwa yimali engaphezu kuka-R1 million okwahlomula kuwona uNksz Xulu, kepha yena namanje akukho angakukhomba ukuthi wakuhlomula njengokwencwadi yesehlukaniso sabo.

"Into ebuhlungu wukuthi ngawo u-2015 ngaphoqeka ukuthatha umhlalaphansi emsebenzini ngoba kungasasebenzeki nhlobo, nakhu futhi sekuba yile nto yesehlukaniso eze yaphethwa ngo-2017, ngasala ngincela isithupha - njengoba kumanje nje ngikhala ngingashayiwe. Sengizame kaningi ukuxhumana nabameli ukuthi kubuyekezwe indaba yalesi sehlukaniso kepha kunhlanga zimuka nomoya, yingakho ngize ngisole ukuthi kukhona isandla semfene sokuqikelela ukuthi ngilokhu ngicindezeleke njalo kulesi simo engikusona," kusho uZulu.

Kuthintwa uNksz Xulu ukuze aziphendulele kulolu daba uthe kungamampunge ukuthi kunogcobho othile ngendlela okwasingathwa ngayo indaba yesehlukaniso sakhe noZulu, anezingane ezintathu naye.

"Nginabo bonke ubufakazi basenkantolo obufakazela ukuthi savumelana naye ngayo yonke imibandela yokwehlukanisa kwethu. Into enkulu esiyibangayo wukuthi ngokwesivumelwano sethu, yena uzothola ingxenye yemali yami yempesheni, okuzoze kwenzeke kuphela uma sengithathe umhlalaphansi emsebenzini. Yilokho yena asehlulwa wukukwamukela manje njengoba eselokhu enza ukuthi indaba yethu ibe nomsindo ngale ndlela," kusho uNksz Xulu.

Eqhuba, uveze izinsolo zokuthi uZulu ubewumuntu ongawukhathalele umndeni wakhe ngisho esasebenza, edla imali ebumnandini aze akhohlwe nawukuthi uzele. 

Uthe bekwala ngisho esehleli phansi emva kokukhubazeka engozini, kepha engabambeki - kunalokho eba nolaka kuyena futhi emhlukumeza ngokomoya, engakhombisi ukujabulela indlela ayemnakekela ngayo, futhi emenzela yonke into ayidingayo.

"Yizo zonke izinto lezo ezenza ukuthi ngize ngifune ukuthi sihlukanise naye, futhi savumelana naye ukwenza lokho, manje ngiyaxakeka ukuthi kungani esebanga umsindo kwabezindaba ngalokhu ekubeni elazi lonke iqiniso ngokwenzeka," kusho uNksz Xulu.

Kuthintwa isazi sezomthetho, uMnuz Mpumelelo Zikalala ukuphawula ngalolu daba, uthe inkinga ngesimo esinjena wukuthi uma nenze isivumelwano ngemibandela yokwehlukanisa kwenu akube kusenzeka ukuthi kuguqulwe into eseniyisayinele phansi.

"Khona ungasifaka nje isicelo sokuzama ukuphikisa okuthile noma ukufuna ukuthi kuchitshiyelwe imibandela ethize esivumelwaneni senu, kepha kusuke kungeke kuguquke lutho ngoba inkantolo isuke ibalekela yona le nto yokuthi umuntu uzobona ukuthi useyasindwa yimibandela ethile azisayinela yona bese efuna ukuthi kushintshwe," kusho uZikalala.