UMPHROFETHI Siphamandla Khuzwayo ongumholi webandla iFaith Church Inaternational
Image: SITHUNYELWE
LIZOBUNGAZA ukuhlanganisa kwalo iminyaka eyisikhmbisa lasungulwa ngokuhlambulula amalunga alo ibandla, iFaith Church International.
Lokhu kuvezwe umholi waleli bandla odume kakhulu ngeziphrofetho nangokuphulukisa abagulayo, uMphrofethi Siphamandla Khuzwayo obekhuluma ngokubaluleka kwale nkonzo athe izokube ingo-Okthoba 10 esizindeni saleli bandla esikunumber 45 Aliwal Street.
UKhuzwayo uthe bayambonga kakhulu uNkulunkulu ngokuhlangana kweminyaka emingaka ibandla lisamile.
Ubonge wonke amalungu alo ngokusebenza ngokuzikhandla kanjalo nangokuqinisekisa ukuthi awapheli amandla endleleni.
Uthe uyazi ukuthi lolu akusilona nje nhlobo uhambo oluba lula ngenxa yokuthi ziyavuka izingqinamba maphakathi nendlela.
''Akulula nhlobo ukuhola ibandla futhi akulula nanokuthi ube yingxenye yalo ngenxa yokuthi phela ibandla lihlanganisa abantu abehlukene abavela ezindaweni ezingefani futhi abacabanga ngendlela ehlukile kakhulu,'' usho kanjena.
Uthe ubonga ukubukezelelana kubona bonke abazalwane baleli bandla. Uthe bakhethe ukuba lo mbungazo bawuhlanganise ngenkonzo yamanzi.
Uthe inkonzo yamanzi ingenye yezinto ezimqoka kakhulu ebandleni labo. ''Kuleli banla siyakholelwa kakhulu ekutheni kumele sibe nayo inkonzo yamanzi ngoba iyawudala umehlukp empilweni yomuntu ngamunye,''echaza.
Eqhubeka echaza uthe : ''Amanzi abalulke kakhulu ngisho uJesu kuMathewu 3 vs 13 wacela ukuthi uJohani amfake emanzini kwahlula ngisho ebuza uJohani ukuthi ngingubani mina ukufaka wena emanzini na.''
Uthe kuba khona amafindo aqaqekayo njalo uma umzalwane ekede ezibandakanye nale nkonzo yokuya amanzini.
Leli bandla libuye laziwe kakhulu ngemikhankaso yalo eye isabalale ezingxanyeni ezahlukene zeKwaZulu Natal lapho elisuke liphosa khona esivivaneni lilekelela abantulayo.
Eminyakeni ezayo uKhuzwayo uthe imikhankaso yaleli banddla ufuna ukuba ibonakale idlondlobala kakhulu. Uthe nabanye abafisa ukuba yingxenye yale nkonzo bangaxhumana nabo kule nombolo :073 5120 436
Related Topics: