Izindaba

Izinyanga ezingu-50 ebhadla ejele uP Diddy

Nonkululeko Nhlapo|Published

Usegwetshiwe uSean "Diddy" Combs

Image: Sigciniwe

NgoLwesihlanu, isilomo somculi we-hip-hop besihleli sibheke phansi ngesikhathi ijaji limgweba iminyaka emine ejele nezinyanga ezimbili.

NgoJulayi, uCombs, 55, atholwa emsulwa emacaleni okushushumbisa ucansi kanye nokukhwabanisa - ayengase agwetshwe udilikajele - kodwa watholwa enecala lokuhamba eyodayisa ngomzimba ehilela izintombi ayethandana nazo, uCassandra Ventura kanye no "Jane".

NgoLwesihlanu, iJaji u-Arun Subramanian litshele uCombs ukuthi ngamacala akhe kanye nokuhlukunyezwa kwezintombi zakhe zakudala limgweba izinyanga ezingu-50 ejele kanye nenhlawulo engu-$500,000. Ngesikhathi likhipha isigwebo ijaji lichaze indlela u-Combs asebenzisa ngayo udumo namandla akhe ukuze "athobe" izisulu zakhe.

Ngemuva kokwehliswa kwesigwebo uP Diddy uphenduke wabheka isixuku samalungu omndeni nabangane abebegcwele enkantolo ngemuva kwakhe. Wabonakala ekhuluma nomyalezo kubo: "Ngiyanithanda, ngiyaxolisa."

Kuthiwa kuqhume isililo ezinganeni zakhe zikhala ngokuthi azisenaye ubaba.